Ikwazulu-Natali: Isifundazwe saseNingizimu Afrika

iKwaZulu-Natali (IsiNgisi: KwaZulu-Natal; Template:Lang-Zulu; isiBhunu: KwaZoeloe-Natal) yisifundazwe saseNingizimu Afrika.

Lesifundazwe sinamaphethelo nezifundazwe ezintathu zaseNingizimu afrika futhi sinamaphethelo namazwe amathathu okuyi Mozambiki, iseSwazini kanye ne Lesotho.

iKwaZulu-Natali(ngesiZulu)
Ikwazulu-Natali: Amaphethelo, Izilimi, Imfundo
ibheji lesifundazwe
Ikwazulu-Natali: Amaphethelo, Izilimi, Imfundo
Indawo yesifundazwe eNingizimu Afrika
Izwe Ikwazulu-Natali: Amaphethelo, Izilimi, Imfundo

INingizimu Afrika

Isiqubulo "Masisukume Sakhe"
"Let Us Rise and Build"
Idolobha elikhulu iTheku
Ubukhulu bendawo 94.361 km²
Inani labantu (ngo-2011) 10,267,300
Inani labantu (ngo-2017) 11,060,000
Izilimi
Izinhlanga
Isiqongo Pietermaritzburg (c.1994)
UNdunankulu
Nomusa Dube-Ncube (ANC)
Iwebhusayithi www.kwazulunatal.gov.za Archived 2007-12-22 at the Wayback Machine.

Lesifundazwe sasungulwa ngonyaka ka-1994, ngenkathi kuhlanganiswa isifundazwe samaBhunu iNatali kanye nesizwe samaZulu iKwaZulu. Inhloko-dolobha yeKwaZulu-Natali umGungundlovu, kodwa idolobha elikhulu kunawo wonke kulesifundazwe iTheku.

Iningi labantu abahlala kulesifundazwe AmaZulu, futhi lesifundazwe saziwa eNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke jikelele njenge khaya lamaZulu. IKwaZulu-Natali isogwini olusempumalanga.

Lesifundazwe siyindabuko futhi nekhaya labantu abanjengo; Albert Luthuli, umuntu wokuqala onsundu ophuma ezwenikazi le-Afrika owanikezwa i-Nobel Peace Prize ngonyaka ka-1960; Pixley ka Isaka Seme, umuntu wokuqala onsundu eNingizimu Afrika owaba ngu-mmeli, waphinda wasungula iqembu lezepolitiki okuyilona elikhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika i-African National Congress (ANC); John Langalibalele Dube, uhulumeni wokuqala weqembu le ANC; Harry Gwala ilunga le ANC kanye neqhawe lomzabalazo elalwela futhi lakhankasela amalungelo abantu abansundu baseNingizimu Afrika; Mangosuthu Buthelezi, umuntu owasungula iqembu lezepolitiki Inkatha Freedom Party (IFP); Jacob Zuma, owayenguMongameli wezwe laseNingizimu Afrika kanye no Shaka Zulu, inkosi eyahlanganisa isizwe yamaZulu.

Amaphethelo

iKwaZulu-Natali inamaphethelo namazwe amathathu okuyi Mozambiki, iseSwatini kanye ne Lesotho kulezindawo;

  • Isifundazwe seMaputo (eMozambiki)
  • Esigodini seLubombo (eSwatini)
  • Esigodini seShiselweni (eSwatini)
  • Esigodini seMokhotlong (oSotho)
  • Esigodini seThaba-Tseka (oSotho)
  • Esigodini seQacha's Nek (oSotho)

eNingizimu Afrika lesifundazwe sinamaphethelo nalezifundazwe;

Izilimi

Ulimi olukhunyulwa kakhulu kunazo zonke izilimi kulesifundazwe IsiZulu kulandele IsiNgisi kugcine ngesiXhosa. Lezilimi; IsiBhunu, IsiSuthu, kanye nesiSwazi ziyakhulunywa kulesifundazwe kodwa abantu abazikhulumayo bancane.

Ikwazulu-Natali: Amaphethelo, Izilimi, Imfundo 
Izilimi ezikhulunywa kakhulu KwaZulu-Natali
     IsiBhunu      IsiNgisi      IsiXhosa      IsiZulu      IsiSuthu      IsiSwazi      Alukho ulimi oludlula ezinye izilimi

Imfundo

Amanyuvesi

Amanyuvesi amakhulu kulesifundazwe;

  • University of KwaZulu-Natal
  • Durban University of Technology
  • University of Zululand
  • Mangosuthu University of Technology

Ezemidlalo

Imicimbi emikhulu yezemidlalo eyenzeka kwisifundazwe saKwaZulu-Natali;

  • Midmar Mile, umcimbi wokubhukuda.
  • Dusi Canoe Marathon, umcimbi womjaho wezikebhe oqala eMgungundlovu uphele eThekwini.
  • Durban July, umjaho wamahhashi owenzeka nyaka nonyaka e-Greyville Racecourse eThekwini. Lomjaho iwona omkhulu kunayo yonke imjaho yamahhashi eNingizimu Afrika.
  • Comrades Marathon, umjaho omkhulu kunayo yonke eNingizimu Afrika. Ibanga lalomjaho lihlanganisa uMgungundlovu neTheku.

Imithombo


Izifundazwe zaseNingizimu Afrika Ikwazulu-Natali: Amaphethelo, Izilimi, Imfundo 
iFleyistataiGauteng • Nyakatho KapaNtshonalanga Kapa
KwaZulu-NatalMpumalanga KapaLimpopoMpumalangaNyakatho-Ntshonalanga

Tags:

Ikwazulu-Natali AmaphetheloIkwazulu-Natali IzilimiIkwazulu-Natali ImfundoIkwazulu-Natali EzemidlaloIkwazulu-Natali ImithomboIkwazulu-NataliEswatiniIMozambikiIRiphabliki yaseNingizimu AfrikaIsiBhunuIsiNgisiOSotho

🔥 Trending searches on Wiki isiZulu:

UkubhemaIfonetikiIKhanadaInsimbiUkunyandlaEzolimoUkufudumala kwembulungaInkohlakalo kwezezimali eNingizimu AfrikaIOsheaniyaIzifunda Ohlangeneyo seMelikaUkuvuka ngokocansiUNhlolanja (uFebhuwari)UMkhathilibeIncwadiInyamaIKwaZulu-NataliUhlu lwamaqembu ezombusazwe eNingizimu AfrikaAmaphuphoIsiTswanaUkunwebezaIsiThununuInkanyeziAmafuthetsheUbuBudhaJohann Sebastian BachUmvelinqangiUbuciko bomlomoIsAlahweIsiLithuwaniyaIlaptopThokoza1986Isi-EsperantoInzondo ebhekiswe kwabathandana nobulili obufanayoIsiHlawumbiseloINingizimu AfrikaU-Mohamed AlFayedUxhakaxholoIkhilikithiINgilandiI-IraniIziqhingi iKhaneliUmsakazo Womphakathi WaseLethlhabileIsimunyuciIzinkundla zokuxhumanaEIMelika EnyakathoOngxiwankuluULwaziIMelika WenkabaAl KhumsItshe,Iphepha isikeloImfundisoIsiphequluliUkumunca UmthondoI-AfganistaniMthathaInani lobuchweUhweboImikhuba yezocansi yezitabaneKwaCeleUmushoInzululwaziI-IndonesiaPhimosis🦒Mafube Local MunicipalityUmoya ongcwele🡆 More