Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika

INingizimu Afrika ilizwe elisezansi ezwenikazi lase-Afrika, yaziwa ngokusemthethweni ngokuthi iRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika.

Ihlanganiswa amakhilomitha ayizi-2,798 agudle usebe lolwandle okuyi iNdiyeni kanye ne-Atlanthiki. Amazwe angomakhelwane ahlanganisa iNamibhiya, iBotswana, iZimbabwe, Mozambiki kanye neSwazi; iLesotho iyizwe elincane elizungezwe iNingizimu Afrika. Umongameli waseNingizimu Afrika nguMnz. Matamela Cyril Ramaphosa.

uMzansi (IsiZulu)
Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Inkondlo: Nkosi Sikelel' iAfrika
Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Idolobha elikhulu IGoli
Izilimi isiZulu, IsiXhosa, IsiPedi, IsiSotho, IsiVenda, IsiTsonga, Swati, IsiTswana, IsiNgisi, IsiNdebele ne Sign language
Abantu abAfrika baseningizimu
Government iRiphabhuliki wephalamende womthethosisekelo
 -  Umengameli Matamela Cyril Ramaphosa
 -  Isekela likamengameli David Mabuza
 -  Usihlalo weNCOP Amos Masondo
 -  Isikhulumi sephalamende Thandi Modise
Ukwenza
 -  Union 31 ngoNhlaba 1910 
 -  Statute of Westminster 11 ngoZibandlela 1931 
 -  Republic 31 ngoNhlaba 1961 
Ubukhulu
 -  Jikelele 1,221,037 km2 (25)
471,443 sq mi 
Inani labantu
 -  2011 ukulinganisa 50,586,757 (24)
 -  2001 uhlolovo 44,819,778 
 -  Ixuku labantu 41.4/km2 
107.2/sq mi
Imali iRandi (RSA)

UMzansi unesikhundla weholo "phakathi-phezulu" ngokweBhange loMhlaba, neBotswana, noGaboni noMorishisi). Unomnotho omkhulu eAfrika, amashumi amabili nesishiyagalombili emhlabeni. Ucezu lwesine lwenani labantu abasebenzi. Banemali okuncane kuna US $1.25 kosuku.

INingizimu Afrika yizwe elisekugcineni kweNingizimu yezwekazi le-Afrika. Yona iNingizimu Afrika izungezwe ulwandle phecelezi "Indian Ocean" kanye ne-Atlantic Ocean. Inani labantu baseNingizimu Afrika yizigidi ezingamashumi ayisithupha, ukuya ngombiko wakamuva wokubalwa kwabantu (i-Census, June 2022). Iningizimu Afrika ingelinye ilizwe elinothe kakhulu ezwekazini lase-Afrika ngoba linamagugu anjiwayo afana ne-golide, ikhromu, insimbi, platinamu, ithusi, idayimani, i-yuraniyamu namanye amagugu. Umnotho weNingizimu Afrika uncike ekuhwebelaneni namanye amazwe angaphandle afana noShayina, Indiya, Fulansi, iMelika, Mozambigi, Zimbabwe, Malawi, Botswana namanye amazwe angaphandle kwe-Afrika. Ngokomlando, INingizimu Afrika eminyakeni engaphezu kwengamashumi amane yayiphethwe wumbuso wengcindezi (Apartheid). Kanti le-Apartheid yasungulwa umongameli osewadlula wengcindezelo uHendrik Verwoerd, ngeminyaka yo 1960. Miningi nje imithetho eyasayindwa ukucindezela ezinye izinhlanga ezinjengabantu abamnyama, abantu base-Eshiya, amakhaladi nezinye izinhlanga ezazingemhlophe. Zikhona izingqalabutho noma izishoshovu ezifana noLangalibalele Dube, Walter Rabusana, Thomas Mapikela, Tengo Jabavu, Pixley ka-Isaka Seme, abalwa nencindezelo kusukela ngeminyaka yo-1902 kuze kufike lesi sikhathi sanamhlanje. Lezingqalabutho yizo ezasungula umbutho wezepolitiki owalwela amalungelo abantu ababecindezelwe, lelo qembu lezombusazwe kwaba-Ukhongolose (ANC).

Zikhona izinhlangano zepolitiki ezahlanganyela nokhongolose ezifana ne-SACP (amakomanisi), i-PAC kanye nezinye ezifana no-BCM. Kwahamba kanjalo eNingizimu Afrika kwaze kwaboshwa osopolitiki ngaleso sikhathi sengcindezelo abafana no Nelson Mandela, Walter Sisulu, Govan Mbeki, Raymond Mhlaba, Robert Sobukwe, Andrew Mlangeni, Dennis Goldberg,Jeffrey Masemola, Kasrils nabanye. Kanti abanye baya ekudingisweni abafana no-Oliver Tambo, Thabo Mbeki, Chris Hani, Duma Nokwe, Moses Kotane. Kwaze kwafika lapho umbuso wengcindezelo wehluleka khona uthathwa ngabamnyama. Ngemva konyaka ka 1994, kwangena intando yeningi (democracy), lapho umongameli wokuqala wentando yeningi kwaba nguNelson Mandela owaboshwa iminyaka ewu-27 ejele. Ngemva kwalokho iNingizimu Afrika yaqala ukuvula uhwebo ihwebelana namanye amazwe omhlaba. Iningizimu Afrika yabumba umthethosisekelo oqukethe intando yeningi amalungelo wobuntu, nobulungiswa obungakhethi ibala. Kanti zonke izinhlanga zaqala ukuba nelungelo lokuvota ngokukhululeka. Kanti iNingizimu Afrika inezilimi eziyishumi nanye ezisemthethweni, zona yisiNgisi, isiZulu, isiNdebele, isiSwati, isiXhosa, isiPedi, isiSotho, isiTswana, isiBhunu, isiVenda kanye nesiTsonga, kanti zikhona ezinye izilimi ezikhulunyiswa ukungena kuloluhlu, njengolimi lwezimpawu kanye nolimi lwaBathwa (Khoyisani). Umbuso weNningizimu Afrika uphethwe yizingxenye ezintathu zombuso, zona yiphalamende (Parliament), ngumbuso (Government/executive) kanye nobulungiswa (Judiciary). Kanti zonke izinhlangano zepolitiki zivumelekile ukungenela amavoti okhetho lomasipala lwezifundazwe kanye nolukazwelonke. Uhulumeni ngalesi sikhathi uphethwe inhlangano kakhongolose (ANC), ngemva kwalokho bese kulandele ezinye izinhlangano eziphikisayo ezifana no-DA, PAC, EFF, Cope, IFP, NFP, ACDP, MF, nezinye izinhlangano.

Umongameli owalandela uNelson Mandela nguThabo Mbheki ngoyaka ka 1996, bese ngonyaka ka 2009 kwangena uJacob Zuma, kuze kube manje. Okulandela umthethosisekelo, liculo lesizwe elaziwa njengoNkosi sikelela i-Afrika. Le ngoma yacanjwa yingqalabutho lomculo u-Enoch Sontonga, kanti yona lengoma iqukethe izilimi ezine isiXhosa, isibhunu, isiNgisi kanye nesiSotho. Iningizimu Afrika iyizwe elihle elinezinhlanga ezahlukahlukene, njengokusho komthethosisekelo ugunyaza ukuthi izilimi zonke zikhulunywe ngokukhululeka noma wonke umuntu kungakhathalekile ukuthi uyinhlanga yiphi yomuntu. Nazi izinhlanga zabantu esinazo: Kunohlanga lwabantu abamnyama (abampisholo), lapha kuqukethwe amaNguni: (amaNdebele, amaZulu, amaSwati, amaXhosa) kanti futhi sinohlanga lwabesuthu:amaPedi, amaShweshwe noma abeSuthu, amaTswana, abaTlokwa), kanti futhi sinamaTsonga, amaVenda. Sinohlanga lwabantu abamhlophe (zabantu ezivela eYurophu: amabhunu namaNgisi, amaPutukezi, amaTaliyana amaFulenshi nezinye), izinhlanga zabantu ezivela e-Eshiya njengeNdiya (India), eShayina (China) nezinye izinhlanga ezihambelana nazo. Sinohlanga lwabantu bebala (amakhaladi), loluhlanga lwabakhona ngenxa yokuhlangana nokungenelana kwezinhlanga ezahlukene zabantu, isibonelo lapho kuhlangana abantu abamnyama nabamhlophe, abathwa noma amakhoyisani nabamhlophe. Lolu hlanga lwabantu luvame ukutholakala kakhulu enTshonalanga-Kapa, Nyakatho-Kapa, KwaZulu-Natali, Bloemfontein nakwezinye izifundazwe. Loluhlanga lwabantu kuyilo kanye elaba negalelo ekusungulweni kolimi lwesiBhunu (Afrikaans). Siphinde sibe nohlanga lwaBathwa: AmaKhoyisani, amaSani, amarhirikwa, amaXu, amaKhwe amaNama. Kanti ngokomlando osomlando bathi amaKhoyisani yibo bantu bokuqala abafika e-Afrika eseNingizimu, ngaphambi kokuba kufike abantu. Lokhu kufakazelwa yimidwebo egcwele ematsheni ngaseNyakatho-Kapa naseNtshonalanga-Kapa. Kanti futhi kufakazelwa ngabamhlophe abafika kokuqala eNingizimu Afrika o-Jan Van Riebeck phela ngeminyaka yo 1652. Loluhlanga lwabantu lwalugcwele ngasogwini lwaseNtshonalanga Kapa. Zonke lezinhlanga zabantu zinamasiko azo lapho ziphila khona.

Amadolobha amakhulu
eGoli, eGauteng
(isiNgisi/isiBhunu: Johannesburg)
Inani 1,009,035 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Soweto, iGauteng Inani labantu 858,644 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
eKapa, eNtshonalanga-Kapa
(isiNgisi: Cape Town, isiBhunu: Kaapstad)
Inani 827,218 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
eThekwini, KwaZulu
(isiNgisi/isiBhunu: Durban)
Inani labantu 536,644 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
ePitoli, eGauteng
(isiNgisi/isiBhunu: Pretoria)
Inani labantu 525,387 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Mitchell's Plain, eNtshonalanga-Kapa Inani 398,650 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Umlazi, KwaZulu Inani labantu 388,687 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Katlehong, iGauteng Inani labantu 349,866 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Tembisa, eGauteng Inani labantu 348,693 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Khayelitsha, eNtshonalanga-Kapa Inani 329,002 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Soshanguve, eGauteng Inani labantu 311,223 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Mamelodi, eGauteng Inani labantu 256,117 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Ibhayi, kwaXhosa
(isiNgisi: Port Elizabeth)
Inani labantu 255,826 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Tshivhase, Limpopo Inani labantu 226,622 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Pietermaritzburg, KwaZulu Inani labantu 223,519 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Sebokeng, iGauteng Inani labantu 222,045 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Bloemfontein, iFuleyistata Inani labantu 217,076
Mabopane, iGauteng Inani labantu 192,914 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika
Chatsworth, Durban Chatsworth, KwaZulu Inani labantu 192,166 Iriphabhuliki Yaseningizimu Afrika

Umlando

Imithombo

Tags:

Cyril RamaphosaIAfrikaIButswanaIMozambikiINamibhiyaISwaziIZimbabwe

🔥 Trending searches on Wiki isiZulu:

IButswanaImidlaloIsiGrekiPolandballIkhambi lokugomaWestern EquatoriaUcansi LwendunuUbuChwepheshe boKwaziswa nezokuXhumanaUmPhomethimbiEzokuxhumakudeUNhlangulana (uJuni)ShakiraUkunwebezaUyui DistrictIsiHawayiSkin DiamondAMA-video wocansiKhuzani MpungoseI-OstreliyaJohannes Galilee ShembeIShayinaNkangeUkuhloniphisa (Zulu Euphemism)Ifilimu lezocansiIsiGwabuzi esiPhehlayo esiQeqeshiweIsiTshekiIndlulamithiUniversity of TübingenIhloboBeni DoualaWiki FoundationIsiHausaUmqondoInkoloHugo López-Gatell RamírezFrancevilleIHwanziUmgababaIsiYorubaIzitayela zocansiInkwindlaIsiPutukeziDinganeITshileUkuphingaUCansiIKhanadaImpisiAmaZuluIsambaneUbulili BesilisaIkatiIsizindalwaziPornhubHaut-LomamiIsihonyoUmushoIRiyunionKiller KauKsar El Boukhari DistrictUbucikoUkuvukela kweNtsha kwama-16 uNhlangulana we-1976Sumbe, AngolaIsigaxa somgogodlaEzombusazweIZambiaUkumunca UmthondoOuled Selama🡆 More