Umusho othi ukufudumala komhlaba ochazisa ukuqubuka kwesimo sezulu — ukukhuphuka okuqhubekayo kwamazinga okushisa kwembulunga — nemithelela yako esimisweni sesimo sezulu somhlaba.
Ukufudumala kwembulunga ngomqondo obanzi kuhilela ushintsho lwasendulo lwesikhathi eside lesimo sezulu somhlaba. Ukuqubuka kwesilinganiso samazinga okushisa embulunga akhona manje kusheshisa kakhulu kunoshintsho lwangaphambili, futhi ngokuyinhloko kubangelwa ukushisa izivuthisi zentshicwa ngabantu. Ukusetshenziswa kwezivuthisi zentshicwa, ukugawulwa kwamahlathi, kanye neminye imikhuba yezolimo neyezimboni kwandisa uhowo lomshaboshisayo (greenhouse gases), ikakhulu umCalahle ontuhlambili kanye nejawani (methane). Uhowo lomshaboshisayo lugwinqa ingxenye yomchadamezo oyonzwa uNomkhubulwane emva kokufudumezwa ukukhanya kwelanga. Isamba esikhulu salohowo sivimba iningi lomchadamo kumoyambulunga osenzansi kaNomkhubulwane, okudala ukuba kube nokufudimala kwembulunga.
This article uses material from the Wikipedia isiZulu article Ukufudumala kwembulunga, which is released under the Creative Commons Attribution-ShareAlike 3.0 license ("CC BY-SA 3.0"); additional terms may apply (view authors). Content is available under CC BY-SA 4.0 unless otherwise noted. Images, videos and audio are available under their respective licenses.
®Wikipedia is a registered trademark of the Wiki Foundation, Inc. Wiki isiZulu (DUHOCTRUNGQUOC.VN) is an independent company and has no affiliation with Wiki Foundation.