INgqoqelolwazi iyincwadi yamaphatho noma iqoqovane elinikeza izifinyezo zolwazi olujwayelekile noma olukhethekile emkhakheni noma isifundo esithile.
Izingqoqelokwazi zihlukaniswe zaba izibhalwa noma izifako ezihlelwe ngokwabosonhlamvu bamagama ezihloko noma ngeminxa yezihloko, noma akhongciwe futhi ayahlwayeka. Ngokuvamile, izibhalwa zengqoqelolwazi zigxila ekwazisweni okuyisiminya okumayelana nendaba eshiwo esihlokweni sesibhalwa; lokhu akufani nezifako zesichazamazwi, ezigxile ekwazisweni kolimi okumayelana namagama, njengemsuka yawo, incazelo, ukuphimisela, ukusetshenziswa, kanye nezinhlobo zohlelo lolimi.
Izingqoqelolwazi bezilokhu zikhona iminyaka engaba yizi-2,000 futhi kuleso sikhathi ziye zathuthuka kakhulu ngokolimi (ezibhalwayo ngolimi olukhulu noma oluncane), ubungako (imiqulu embalwa noma eminingi), inhloso (ezethula ulwazi lonke noma olukhawuliwe), imibono engokwesiko (ezinegunya, ezenkolelombono, ezifundisayo, eziwusizo), ngababhali (iziqu zabo, nohlobo lokubhala), ngabafundi, (izinga lemfundo, isizinda, abakuthandayo, namakhono), kanye nangezobuchwepheshe ezikhona ukuze zishicilelwe futhi zisabalaliswe (imibhalo yesandla, ushicilelo olukhulu noma oluncane, uxhakaxholo). Njengemithombo oyigugu nothembekayo oqoqwe izingcweti, izishicilelo zithola indawo ephambili emtatsheni yolwazi, ezikoleni nakwezinye izikhungo zemfundo.
Ukuvela kwezinhlobo zemithombevulekile nezezibhangqiwe kulelikhulu lama-21, ezifana neWiki, kukukhulise kakhulu ukufikelelwa, abafundi, abalobi kanye nezifako zengqoqelolwazi ezihlukene.
Igama elithi 'ingqoqelolwazi' livela ekuhlanganisweni kwamagama amabili, elithi "ingqoqelelo" nelithi "ulwazi", womabili asho ulwazi oluqoqiwe, noma iqoqo lolwazi nemfundo. Lendlela iwukuhumusha kwelesigriki okususelwa kulo elesingisi elithi encyclopedia, ngokwezwi nezwi elisho imfundo evamile noma ulwazi oluphelele.
INgqoqelolwazi yanamuhla yathuthukiswa kusuka encwadini yesichazamazwi ekhulwini le-18. Ngokomlando , kokubili iziNgqoqelolwazi neziChazamazwi ziye zacwaningwa futhi zalotshwa izingcweti zesiqikili ezifunde zagogoda, kodwa azifani indlela uhlaka lwazo oluhlelwe ngayo. IsiChazamazwi siwumsebenzi wolimi ngokuyinhloko ogxile ohlwini losonhlamvukazi bamazwi nezincasiselo zawo . Amabizo amqondofana Kanye nalawo ahlobene nawo ngesihloko ahlakazeka yonke indawo phakathi kuso, ngaphandle kokuwaqoqa kube indaba eyodwa ejulile. Ngaleyondlela, isiChazamazwi sivame ukuba nokwaziswa, inhlaziyo nesizinda okulinganiselwe ngezwi elichasiswayo. Nakuba siphana ngencasiselo , sishiya umfundi waso entula ukuqonda incazelo, ubumqoka nemikhawulo yebizo, kanye nokuthi lelo bizo lihlobana kanjani nomkhakha wolwazi obanzi.
Ekubhekaneni nalezo zidingo, isibhalwa sengqoqelolwazi ngokuvamile asipheleli ezincasiselweni, futhi asipheleli ekuchasiseni izwi ngalinye, kodwa sihlinzeka ngomqondo obanzi wesihloko noma uqeqesho. Ngaphezu kokuchasisa kanye nokwenza uhlu lwamazwi ayimiqondofana waleso sihloko, isibhalwa siyakwazi ukudingida umqondo obanzi wesihloko ngokujulile futhi sidlulise ulwazi oluqongelelwe olufanele ngaleso sihloko. Isibhalwa seNgqoqelolwazi sivame ukuhlanganisa amabalazwe amaningi nemifanekiso, kanye noluhlumibhalo nezibalomininingo. INgqoqelolwazi ngokuvamile ayibhalelwa ukuba igculise, nakuba enye yezimpokophelo zayo kungukugculisa umfundi wayo ngobuqiniso bayo.
Kunezici ezine eziyinhloko ezichasisa INgqoqelolwazi: izihloko zayo, ukujula kwayo, indlelasu yokuhleleka kwayo, kanye nendlelasu yokukhiqizwa kwayo:
This article uses material from the Wikipedia isiZulu article INgqoqelolwazi, which is released under the Creative Commons Attribution-ShareAlike 3.0 license ("CC BY-SA 3.0"); additional terms may apply (view authors). Content is available under CC BY-SA 4.0 unless otherwise noted. Images, videos and audio are available under their respective licenses.
®Wikipedia is a registered trademark of the Wiki Foundation, Inc. Wiki isiZulu (DUHOCTRUNGQUOC.VN) is an independent company and has no affiliation with Wiki Foundation.