Uhulumeni: Uhlelo Noma iqembu labantu elibusa umphakathi ohleliwe, owumbuso

Uhulumeni uluhlelo noma iqembu labantu elibusa umphakathi ohleliwe, ngokuvamile umbuso.

Ngenxa yencaciselo ebanzi eyamaniswa nawo, uhulumeni imvama uhilela isishayamthetho, isigungu songqongqoshe, nezokwahlulela. Uhulumeni uyindlela esetshenziswayo ukuphoqelela izinqubomgomo ezingokwenhlangano, kanye nendlela yokunquma inqubomgomo. Emazweni amaningi, uhulumeni uba nohlobo lomthethosisekelo, umbhalo wegemu nenjulalwazi yawo yokubusa.

Nakuba zonke zinhlobo zezinhlangano zinohlelo lokubusa, ibizo elithi uhulumeni livame ukusetshenziswa ngokuqondile ukubhekisela kohulumeni bamazwe abacishe babe ngama-200 kanye nezinhlangano ezingaphansi kwabo.

Izinhlobo ezinkulu zezimiso zezombusazwe esikhathini samanje zihlanganisa imibuso yabantu, ubukhosi, umbuso wezicukuthwane, kanye nemibuso yesandla esiqinile nendlovukayiohikiswa. Ngokomlando izinhlobo zohulumeni ezidumule zihlanganisa ubukhosi, umbuso wedlanzana, umbuso wabantu, umbuso kathixo, nobushiqela. Lezi zinhlobo azitholakale zihamba ngazodwa ngokuphelele, futhi uhulumeni oyingxube yiwona ojwayelekile. Isici esiyinhloko sanoma iyiphi injulalwazi kahulumeni indlela amandla okubusa izwe azuzwa ngayo, okuyinto ezindleleni ezimbili zokubusa etholakala ngomncintiswano wokhetho nangefa elizuzwayo.

INcasiselo noMsuka

Elithi uhulumeni igama elisetshenziswa ukuchasisa uhlelo noma isimiso esibusayo sombuso noma umphakathi. INgqoqelolwazi i-Columbia ichasisa uhulumeni ngokuthi "yisimiso sokulawula umphakathi esinelungelo lokushaya imithetho, nelungelo lokuyiphoqelela, futhi siphathiswe iqembu elithile labantu emphakathini." Nakuba zonke izinhlobo zezinhlangano zinendlela yokubusa ngaphakathi, igama elithi uhulumeni lisetshenziswa ngokuqondile ekubhekiseleni kohulumeni abazimele bamazwe womhlaba abangaba ngama-200, kanye nezinhlangano ezingaphansi kwabo, ezifana nohulumeni beziFundazwe kanye nohulumeni basezindaweni.

Ibizo elithi 'uhulumeni' livela ekuphinyisweni kwegama lesibhunu elithi 'goerverment' , ekuqaleni elaliphinyiswa ngokuthi 'uhulumende'.

Tags:

Forms_of_government_2021

🔥 Trending searches on Wiki isiZulu:

IndlovuIgogoEzombusazweSomizi MhlongoIzilwaneICoffee BayKiswahiliInkolo nendlwabuIsiNyantuliIHlelo AmatholeIKongoIndodaI-IndonesiaMenzel Bourguiba DelegationIzinyanga zonyaka ngesiZuluIzitayela zocansiIzitheloDhagax Madow (woreda)AmaqandaUzungezohlelo lweLangaAmalungelo abantu eNingizimu AfrikaAmaMbathaIUbuciko bomlomoUMFULA INCOMEImbongiUmhweboIZimbabweUbucikoCyril RamaphosaUcansi LwendunuIntwasahloboUbuliliUbuChwepheshe boKwaziswa nezokuXhumana5 ngoLweziUkuhumusha kwenguxaIAshiyaIFulansiIzinqeAmafuthaMisuzulu ZuluIGrekiUmxubeGcuwa, kwaXhosaISikotilandiIMelika EnyakathoIThuniziyaIsitambuUkhahlambaIndluIsiTaliyaI-Inhlangano yebhola yaseNingizimu AfrikaIKwaZulu-NataliUbhubhaneDingiswayoUmkholezimaItiyopiyaUkulinganisa kwamasikoIzifundazwe zaseNingizimu AfrikaUMhlabaInkolo nezidakamizwaIzithombe zobulili ezingcolileUkusokaCuítoIsiTsotsitaalGhazaouet🡆 More