Ukuphepha Kwesicikizi: Ukulondeka kwezinhlelo zesicikizi ekudalulweni, ukwebiwa nokulinyazwa kokwaziswa

Ukuphepha kwesicikizi, ilondosicikizi, noma ukuphepha kwezezibhangqiwe, kuwukulondeka kwezinhlelo namaxhoxho wesicikizi ekuhlaseleni kwalabo abahlose okubi nokungaholela ekudalulweni okungagunyaziwe kokwaziswa, ukwebiwa, noma ukulimala kwezigcoyi, amahlelokusebenza, noma imininingo, kanye nokuthikamezeka noma ukunhlanhlatha kwezinkonzo ezihlinzekwayo.

Ukuphepha Kwesicikizi: Ukulondeka kwezinhlelo zesicikizi ekudalulweni, ukwebiwa nokulinyazwa kokwaziswa
Nakuba izici eziningi zelondosicikizi zihlanganisa izinyathelo zezezibhangqiwe ezifana nemiphonsozwi kanye nokunyandla ngesigabuzuba, izinyathelo zokuphepha ezingokoqobo ezinjengezingidi zensimbi zisasetshenziswa ukuvimbela ukuphazamiseka okungagunyaziwe.

Lomkhakha ubalulekile ngenxa yokwanda kokwethembela ezinhlelweni zesicikizi, kuxhakaxholo, nezivamiso zoxhoxho oluswelintambo ezifana ne-Bluetooth Kanye ne-Wi-fi. Futhi, ngenxa yokwanda kwezilekeleli ezintwesi, ezihlanganisa omabonakude, nomakhalipha, kanye nezilekeleli ezakha uXhakaxholo lwezinto. Ilondosicikizi lungenye lwezinselele ezinkulu zanamuhla, ngenxa yobunkimbinkimbi bezinhlelo zokwaziswa kanye nemiphakathi eziyisekayo. Ukulondeka kubaluleke kakhulu ezimisweni ezilawula izinhlelo ezinkulu ezinemithelela engokoqobo ethinta okuningi, kuhlanganisa ukwabiwa kwamandla wamazuba, ukuphepha kokhetho, nezezimali.

Ukuhlabeka nokuhlaselwa

Ukuhlabeka kuwubuthakathaka obusemklamweni, ekugunundweni, emigidingweni, noma ekulawulweni ngaphakathi kwesicikizi. Iningi lokuhlabeka oluvubukuliwe lubhaliwe kwisizindamininingo sokuhlabeka iCVE (Common Vulnerabilities and Exposures). Ukuhlabeka okuxaphazekayo yilokho okunohlaselo olusebenzayo noluxaphazayo olwaziwayo. Ukuhlabeka kungacwaningwa, kungcikishwe kushendele, kuzingelwe, noma kuxhashazwe ngokusebenzisa izinsiza ezihlelelekiwe noma iziqakaqo.

Imithombo

Tags:

IMininingoIsiCikiziUXhoxho lwesiCikizi

🔥 Trending searches on Wiki isiZulu:

IMozambikiImibono yezenkolo ezithombeni ezingcolileWiki CommonsUlimi lokuhlelelisaCaliforniaUCansiIsi-ArabhuITaliya8 ngoNhlolanjaNdaba kaMagebaUkubhoboza umzimba1983PornopediaTiffany MasonInkawuIGrekiUmfulaIsAlahweShibin El QanaterUkujulaUkuvukela kweNtsha kwama-16 uNhlangulana we-1976Isilinganiso1968UNcwaba (u-Agasti)Software design patternUmkitizoInkalankalaIthoyizi locansiIIfilimu lezocansiIYurophuYoung StunnaIsiHlawumbiseloIsiSuthu sasenyakathoMartin LutherUkudlwengulwa kwabesilisaDStvIzindaba zomphakathi we-BiNUkufudumala kwembulungaIseleseleUzungezohleloUMfumfu (u-Okthoba)ColoradoIsigubhuUMasingana (uJanuwari)IsiqungoINgilandiITokyoIKapaAbantu abansunduJobe1999ImvubuInyamaIslamIsiLithuwaniyaIsiNgisiEzocansiUmakhalekhukhwiniJikharraUmxubeIndian Premier LeagueUlwandle1985MatolaIRuwandaI-OstriyaIMekisikoINobo🡆 More