Indwemozwe: Umphakathi onezimfanelo ezikhanukwa kakhulu noma eziphushwayo

Indwemozwe (inhlanganisela yamagama 'indwemo' elivela esenzweni esithi 'ukundwema' nelithi 'izwe') igama elivamise ukuchaza umphakathi ocatshangwayo, wamaphupho noma umphakathi onezimfanelo ezifiseleka kakhulu noma ezicishe ziphelele kumalungu awo.

Kodwa, lingabhekisela emphakathini ohlosiwe.

Indwemozwe: Umphakathi onezimfanelo ezikhanukwa kakhulu noma eziphushwayo
Indwemozwe

Izindwemozwe ezihlawumbiselwayo zigxila —phakathi kokunye—ekulinganeni, naseminxeni efana nezomnotho, uhulumeni nobulungisa, kodwa ngendlelasu nohlaka lokuzigununda oluhlukahlukayo ngokusekwa inkolelombono. ULyman Tower Sargent uveza ukuthi isimo sendwemozwe sinokuziphikisa ngokwaso ngoba imiphakathi ayishoni nganxanye njengamanzi futhi inezinkanuko eziphikisanayo ngalokho ayikwazi ukwaneliswa ngokufanayo. Uma simcaphuna uthi: "Kunezindwemozwe zocosulelwano, zobuhlohlesakhe, zobukhosi, zombusowabantu, zokungabuswa, zoxhaxhamvelo, zobufazanisi, zobunzalamizi, zokulingana, zobuqhiwu, zokucwasa ngokwebala, zophiko lobunxele, zophiko lobunene, zokulungisa, zothanda olukhululekile, zomkhaya ojijiwe, zomndeni omncane, zobungqingili, nezinye eziningi ezifana nezobundalo, namaKristu anqunu,... abanye baphika ngokuthi, ubundwemozwe, bumqoka ekuthuthukisweni isimo soluntu. Kodwa uma busethsenziswa kabi, bungaba ingozi. Kulapho indwemozwe eba nokuziphikisa khona. Utopianism: A very short introduction (2010) Okulungene nendwemozwe yilokho okubizwa ngobuNuphe (dystopia). Izinganeko zendwemozwe nobuNuphe zinesibunge emunxeni wezincwadi.

Imithombo

Tags:

Umphakathi

🔥 Trending searches on Wiki isiZulu:

UkhisimuziPigazzanoShivajiISwaziIsidakamizwaYini inganekwaneIGibhitheINyakatho KapaIJibhuthiDBZ NtuliISomaliyaAfrican Jazz PioneersIsi-ArabhuBonteheuwelUBruno MaddoxUsopolitikiIMelika EningizimuWinston ChurchillIMelika WenkabaMitchell's PlainIngqalasizindaInzululwazi yesiCikiziBougara, TiaretINyangaIRiyunionUmculo wohlobo lwe-HouseThemba ZwaneIzilwaneI-AngolaLuzumanaPorto AlegreIZambiaI-YouTubeHimno Nacional de ChileMarylandI-EshiyaNew York (idolobha)MpandaUkuchithaDingiswayoUbuntuIMoritaniyaIzifunda zase GabhoniAbantu Bomdabu eNingizimu Afrika abeZilimi zesiBantuI-OstreliyaMatobo DistrictInzululwaziKatlehong🡆 More