Dbz Ntuli: Umbhali wezincwadi

UDeuteronomy Bhekinkosi Zeblon Ntuli (08 kuNhlaba we-1940) owaziwa ngoD.B.Z.

Ntuli okuyisifinyezo samagama akhe womathathu kanye nesibongo sakhe. UNtuli ungumbhali wamanoveli, izincwadi kanye nezindaba ezimfushane waseNingizimu Afrika, obhala ngolimi lwesiZulu. UNtuli ungomunye wababhali abanegalelo elikhulu ekuthuthukiseni ukufundwa kanye nokuhlelwa kolimi lwesiZulu. Uphinde ahumushe izincwadi ezibhalwe ngolimi lwesiNgisi azihumushele esiZulwini, incwadi egqamile ayihumusha ile kaNelson Mandela, esihloko sithi Uhambo Olude Oluya eNkululekweni (Long Walk to Freedom). UNtuli ungomunye wabasunguli benhlangano yababhali eyaziwa ngokuthi Usiba Writers' Guild.

DBZ Ntuli
Igama Deuteronomy Bhekinkosi Zeblon
Ubezalwa 1940
Gcotsheni, Eshowe KwaZulu-Natali, Ningizimu Afrika
Nationality UmNingizimu Afrika
Field Umbhali, Umhumushi
Training Nyuvesi yakwaZulu
Awards B.W Vilakazi Award

Isiqalo sempilo nemfundo

UNtuli wazalelwa endaweni yaseGcotsheni, Eshowe, enyakatho neKwaZulu-Natali. imfundo yakhe yamabanga aphansi wayifunda eGcotsheni BC School (okwakuthiwa yiBantu Community School ngaleziya zikhathi). Wafunda naseNdulinde Primary School okuyindawo eyakhelene nakhona eGcotsheni. Wafunda imfundo yamabanga aphakeme esikoleni samaKhatholika esiseMariannhill esaziwa ngokuthi iSt Francis College, lapho aqeda khona umatikuletsheni (ibanga le-12). Waphothula iziqu zakhe eNyuvesi yakwaZulu . Laphaya enyuvesi yakwaZulu wayeseqoqweni lokuqala ngqa labafundi ababhaliswa khona. Lona kwkungunyaka we-1960.

Umsebenzi

Ngenkathi eqeda kwethweswa iziqu zakhe waya kosebenza okokuiqala isikhashana njengomabhalane emboniini yakwaSappi edolobhaneni langakubo eMandeni. Wasuka lapho wayosebenza esiteshini sezokusakaza kwa-SABC kwaRadio Bantu lapho ayesebenza khona njengomdidiyeli kanye nomethuli wezinhlelo zesiZulu. Lomsebenzi wawenza iminyaka emithathu. Emumva kwalomsebenzi wathola umsebenzi eNyuvesi yaseNingizimu Afrika lapho ayezoba khona ngumfundisi eMnyangweni weZilimi zase-Afrika. Ngonyaka wezi-1978 wathweswa iziqu zobuDokotela weziNcwadi (D Litt Degree), wazithola khona eNyuvesi yaseNingizimu Afrika (UNISA). Waphinde waba yinhloko yomnyango omncane wesiZulu khona e-UNISA, lesi isikhundla asiphatha iminyaka engama-32 ngaphambi kokuthi athathe umhlalaphansi ngonyaka wezi-1999 .

UMphemba wabhala izincwadi, ama-eseyi kanye nezindaba ezimfushane eziningi ezahlukahlukene. Usebhale washicilela izindaba kanye nama eseyi angama-16, eminye imisebenzi yakhe kubalwa izincwadi eziyi-10 kanye namaqoqo ezinkondlo ayisi-8. Kweminye imibhalo uphinde abhale ngokuhlanganyela eminye abe ngumhleli. Incwadi yakhe yokuqala esihloko sithi UBheka yashicilelwa eneminyaka engama-21 ngonyaka wezi-1962. Incwadi yakhe yesisbili, Ngiyoze Ngimthole yashicilelwa ngonyaka wezi-1970 .

UNtuli lapho aba khona negalelo elikhulu isezindabeni ezimfishane kanye nakuma-eseyi, nokho uphinde ahumushe imibhalo eminingi ayiyise esiZulwini. Imisebenzi yakhe yokuhumusha egqamile kubalwa incwadi kaNelson Mandela i-Long Walk to Freedom, wayiguqula yaba nesihloko esithi Uhambo Olunde Oluya eNkululekweni. Enye incwadi ayihumusha ileyo ka Kahil Gibran esihloko sithi The Prophet ayihumusha yaba nesihloko esithi UMphulofethi.

Izindodo

Ngemisebenzi yakhe yemibhalo ehlukahlukene usahlabana izindondo ezingaphezu kwama-20. Izihlandla ezine zilandelalana, eminyakeni engama-20 usahlabana neNdondo iBW Vilakazi (BW Vikazi Award) okuyindondo yombhalo wesiZulu oseqophelweni eliphezulu. Lendondo wayeyehlabana ngezincwadi zakhe okubalwa kuzo: Imicibisholo kanye Izezizenze okuyizindaba ezimfishane kanye nama eseyi, Izimpande okungumlando wemibhalo yesiZulu, kanye nethi Imilando YakwaZulu okungumdlalo. Imibhalo eyisithupa yezifundo zobudokela esibhaliwe ngemisebenzi yakhe .

Imisebenzi

  • 1962 - UBheka, Shuter and Shooter
  • 1970 - Ngiyoze Ngimthole, Educum
  • 1970 - Imicibisholo, Shuter and shooter
  • 1971 - Indandatho yesethembiso, Educum
  • 1978 - The Poetry of B.W Vilakazi, ePitoli: Van Schaik
  • 1978 - Uthingo lweNkosazana, Educum Publisher: eGoli
  • 1980 - Ugqozi 1, Van Schaik: ePitol
  • 1985 - Ngamafuphi: Izindaba Ezimfushane, De Jager-Haum Publishers: ePitoli
  • 1987 - Umtshingo, KwaZulu Booksellers: eThekwini
  • 1987 - Ingcamu, Shuter and Shooter
  • 1988 - Woza Nendlebe, Shuter and Shooter: uMgungundlovu
  • 1990 - Isicamelo: Izindaba Ezimfushane, Reac Out Publsihers: uMgungundlovu
  • 1991 - Lalela-ke: Imidlalo yomsakazo, Reach Out Publishers: uMgungundlovu
  • 1992 - Indoni Yamanzi, Shuter and Shooter: uMgungundlovu
  • 1994 - Isibhakabhaka, Actua Press: ePitoli
  • 1996 - Amandl' Esambane, Y Press: eThekwini
  • 1997 - Impilo Ingcono, Kagiso Media: ePitoli
  • 1998 - Yekanini Ukuzenza, Kwela Books: eKapa
  • 2000 - Imilando yakwaZulu, UNISA Press: ePitoli
  • 2001 - Izinyembezi Zothando, Shutre and Shooter: uMgungundlovu
  • 2002 - Imibhalo ka D.B.Z Ntuli: Incwadi yokubonga, Shuter and Shooter: uMgungundlovu
  • 2002 - Ugqozi olumaphiko, Shuter and Shooter: uMgungundlovu
  • 2003 - Amadlelo aluhlaza, Shuter and Shooter: ePitoli
  • 2003 - Amaseko, Heinemann Publsihers (pty) ltd
  • 2006 - Ngingusosobala Mbatha, Shuter and Shooter, uMgungundlovu

Imithombo

Tags:

Dbz Ntuli Isiqalo sempilo nemfundoDbz Ntuli UmsebenziDbz Ntuli IzindodoDbz Ntuli Imisebenzi [2][1]Dbz Ntuli ImithomboDbz Ntuli

🔥 Trending searches on Wiki isiZulu:

UkudlwengulaUkufudumala kwembulungaAkobo (woreda)IsithembuIzithombe zobulili ezingcolileAppleUmhweboTénèsUmkhumbi-ngwenyaAbantu abansunduI-YouTubeUmsindoIMaltaOngxiwankuluImikhuba yabesifazane babenocansiIPhicamveloHamba, Nja. Hamba!Imvumelwano SiqaloUkuchithaUmlelesaPablo PicassoUdoti wondlebe zikhanya ilangaMaskandiBangladeshILoboloIsihonyoJohannes Galilee ShembeUNomaxhamaIzinkanyeziUmbuso OhlangeneyoMonica FosterUmhlabaYasuo FukudaUkucela ImvulaAmaZulu F.C.Rebecca walo omana2008IseleseleIndlovuGod Save the QueenCosta RicaEKuphumuleni Nazareth Baptist ChurchOmusati RegionUHlakahlisombuluIsiHolandiUxhoxho olungenantamboUlwandleInzululwaziISloveniyaINgilandiLeleti KhumaloI-IndonesiaIzilwaneIsikhumbuzo seNkosi uShakaSjavaAmazon.comUkuzivocavocaKatlehong🡆 More