Hollywoodbets

IHollywoodbets yimboni yokubhejela ezemidlalo yaseNingizimu Afrika.

Iphinde yaziwe ngokuthi yi-Hollywood Sportsbook. Isebenzela eNingizimu Afrika, eMozambiki, e-Ayilendi nakwiMibuso Ehlangeneyo. Lemboni isiza abantu ngokubheja kwi-website, mobisite, call centre, kanye ne-USSD. Iphinde ibe nama-branch ezitolo zokuthenga eNingizimu Afrika naseMozambiki.


Hollywoodbets
Uhlobo Private
Founded 2000
Ekomkhulu ITheku, I-Ningizimu Afrika
Indawo wakhonza I-Ningizimu Afrika, i-Mozambiki, i-Ayilendi, UMbuso Ohlangeneyo
Imboni Ukugembula
Imidlalo Ukubheja
Employees 5000+
Website www.hollywoodbets.net; m.hollywoodbets.co.mz; www.hollywoodbets.ie; www.hollywoodbets.co.uk

Nge-Hollywoodbets ungabhejela umjaho wamahhashi, ibhola lezinyawo, ikhilikithi, umbhoxo, ithenisi, i-motorsport nokunye okuningi. I-Hollywoodbets iphinde inikezele ngezinombolo zelotho ezingaphezulu kuka-1582 ngeviki ukuze zizobhejelwa.

I-Hollywoodbets yabekwa kwinombolo ka-8 kuhla lwama Top 50 Gaming Sites Worldwide ebhalwa yi-iGaming Business Magazine ngoNdasa kunyaka ka-2019.

Igama

Igama le-Hollywoodbets lathathwa kwinkundla yomjaho i-Hollywood Park Racetrack, e-Los Angeles, eMelika.

Umlando

IHollywoodbets yaqala ngonyaka ka-1986 njengemboni encane yaseNingizimu Afrika ekhiqiza amaphepha, eyayaziwa ngokuthi yi-Winning Form, eyayisebenza ngokukhiqiza nokudayisa ama-racecards we-South African Horse Racing. I-Winning Form isawakhiqiza ama-racecards, ikhiqizela yonke imijaho yaseNingizimu Afrika.

IHollywoodbets yangena kumkhakha we-bookmaking ngokuvulwa kwe-branch yayo yokuqala yokubheja e-Argyle Road, edolobheni elikhulu iTheku ngonyaka ka-2000. Lokhu kwalandelwa ngokuvulwa kwale-branch edume ngayo manje, iHollywood Park e-Springfield Park, eThekwini.

Amazwe

IHollywoodbets njengamanje isebenzela emazweni amane. INingizimu Afrika, iMozambiki, i-Ayilendi kanye noMbuso Ohlangeneyo.


IHollywoodbets inezitolo ezingu-81 eNingizimu Afrika yonke ngaphansi kwamalayisensi ezemidlalo akhishwa yiziqapha'mthetho eGoli, eNtshonalanga Kapa, eMpumalanga Kapa, eLimpopo, eMpumalanga, naKwaZulu Natali.

Njengamanje, mabili ama-brance we-Hollywoodbets eMaputo, eMozampiki; kanye nendlela yokubheja ngomakhalekhukhwini.

NgoMfumfu ngonyaka ka-2018, i-Hollywoodbets yavula i-website e-Ayilendi, yenza imisebenzi yayo itholakale kalula kumakhasimende ase-Ayilendi. Lokhu kwaba yimpumelelo ngenxa yelayisense yabo yokubheja eyakhishwa yi-Isle of Man. NgoNdasa ngonyaka ka-2019, lemboni yaya kwi-inthanethi nge-website yabo kwiMibuso Ehlangeneyo. Ilayisense yabo yokubheja yakhishwa yi-UK Gambling Commission.

Ukuxhasa

Lemboni iyona eluxhaso lwesihloko lweqembu lekhilikithi i-Hollywoodbets Dolphins. Baqala ngokuba ophathina ngokubaxhasa kwisizinda sango-2015/16, ngaphambi kokuba babe uxhaso lwesihloko kusukela kwisizinda sango-2016/17.

I-Hollywoodbets yaxhasa amaqembu abadala i-KwaZulu-Natal Coastal kanye ne-KwaZulu-Natal Inland kwi-Africa T20 Cup yangonyaka ka-2017. I-Hollywoodbets KZN Inland yaphuma phambili kuleyo thonamenti, ngemuva kokuhlula iFuleyisitata kumafayinali. Ekuqaleni kwesizinda sekhilikithi yasekhaya sango-2018/19, i-Hollywoodbets yazinikela ekuxhaseni womabili amaqembu abadala i-KwaZulu-Natal Coastal kanye ne-KwaZulu-Natal Inland isizinda sonke, kubalwa i-Africa T20 Cup, i-3 Day Cup kanye nomncintiswano i-50 Over.

I-Hollywoodbets yathatha izintambo njengabaxhasi besihloko be-Murray Cup ngonyaka ka-2018. Lokhu kwakungumncintiswano we-knock-out webhola lombhoxo elibandakanya amaqembu angaphansi kwe-KwaZulu-Natal Rugby Union.

I-Hollywoodbets yaba ngabaxhasi besihloko bohlelo lwebhola lombhoxo i-Phaka kwi-Supersport ngoNhlolanja, ngonyaka ka-2019. Ubudlelwano boxhaso lwe-Hollywoodbets olusha naloluhlelo luzovumela ukuba lemboni ilekelele amaqembu ombhoxo asakhula adinga uxhaso nezinsiza kusebenza ukuze azokhulisa amakhono abadlali awo.

I-Hollywoodbets yathatha indawo njengabaxhasi be-COSAFA Cup yangonyaka ka-2019, eyabanjelwa eThekwini kusukela ngezi-25 kuNhlaba kuya kwizi-8 kuNhlangula ngonyaka ka-2019.

Ngolwesine, ngezi-27 kuNhlangula ngonyaka ka-2019, i-Hollywoodbets yamenyezelwa njengomxhasi onelungelo lokuqoka igama elisha lezinkundla zomujaho ezimbili, i-Greyville, kanye ne-Scottsville, kwisivumelwano seminyaka emithathu. Lezi zinkundla sezizokwaziwa nge-Hollywoodbets Greyville Racecourse kanye ne-Hollywoodbets Scottsville Racecourse.

NgoMsombuluko, ngezi-7 ku-October ngonyaka ka-2019, iHollywoodbets yamenyezelwa njengomxhasi onelungelo lokuqoka igama elisha le-Kingsmead Cricket Ground, kwisivumelwano seminyaka emihlanu, ezophela ngo-Ncwaba ngonyaka ka-2024.

Iqhaza Emphakathini

Yonke i-brance ye-Hollywoodbets eNingizimu Afrika ilekelela i-charity yakuleyo ndawo, kanjalo namaqembu ezemidlalo, njenge nxenye ye-Social Responsibility Programme yabo. Okubalwa kuko amakhaya ezintandane, ama-centers omphakathi, amakhaya abadala kanye nezikole.

Ephuzwini lamaqembu ezemidlalo, kubalwa amaqembu ebhola lezinyawo, ikhilikithi, umbhoxo, kanye neminye imidlalo.

Ukudla

I-Hollywood Bunny Bar, engaphansi kwe-Hollywoodbets, inama-brance angu-8 kwizifundazwe zaseNingizimu Afrika iGoli, iKwaZulu-Natal, IMpumalanga Kapa kanye neNtshonalanga Kapa. Lama brance, adume kakhulu ngo-curry bawo baseThekwini, nokutomula indondo ye-Best Bunny Chow ngonyaka ka-2014, ngemuva kokuphuma phambili kwi-Bunny Chow Barometer Challenge 2014.

Ama-Brand Embassador

Ngonyaka ka-2016, umdlali owayengowe-Orlando Pirates kanye neBafana Bafana u-Jerry Sikhosana waqokwa njenge-brand ambassador ye-Hollywoodbets.Ngonyaka ka-2017, ukhipha owayengowe-Kaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns kanye neBafana Bafana u-Brian Baloyi naye wajoyina njenge-brand ambassador ye-Hollywoodbets.

NgoNdasa ngonyaka ka-2019, owayeyi Champion jockey yaseNingizimu Afrika u-Anthony Delpech wajoyina njenge-brand ambassador ye-Hollywoodbets, nokulekelela kokuxhasa umjaho wamahhashi lo i-Hollywoodbets ebandakanya kukho.

NgoMbasa ngonyaka ka-2019, owayengumdlali wekhilikithi waseNingizimu Afrika uMike Procter wajoyina njenge brand ambassador ye-Hollywoodbets.

Izindondo

Ngonyaka ka-2018 kwi Gambling Industry Awards ebanjelwa eNingizimu Afrika, iHollywoodbets yaqomula I-Best Corporate Social Investment (CSI), i-Best Sports Betting Campaign yangonyaka ka 2018, i-Best Employer of the Year kanye ne-Best CEO of the Year (ngo-Suren Rampersadh).

Izinkomba

Tags:

Hollywoodbets IgamaHollywoodbets UmlandoHollywoodbets AmazweHollywoodbets UkuxhasaHollywoodbets Iqhaza EmphakathiniHollywoodbets UkudlaHollywoodbets Ama-Brand EmbassadorHollywoodbets IzindondoHollywoodbets IzinkombaHollywoodbetsI-AyilendiIMozambikiIRiphabhuliki yaseNingizimu AfrikaUmbuso Ohlangeneyo

🔥 Trending searches on Wiki isiZulu:

Ambatofinandrahana DistrictAma-BeatlesIsiXhosaIKroondalLekoko DepartmentI-AndoraIndodaJobeAntananarivo ProvinceGoogle Street ViewIsiTshekiIMalawiKykNETYubbe1981UbuntuEkukuIBhurundiDukiVladimir PutinUphuthuITshekiISwaziMatobo DistrictIsikhathiMitooma DistrictUkunwebezaUmchazamkhathiIShayinaLacey DuvalleIsiCikiziUCansiUlwandleI-OstreliyaVodacomAba, Khongo-KinshasaIkhasi ElikhuluHugh MasekelaIkhilikithiKatavi RegionUMasipala weThekuUMkhosi woMhlangaInkalaneTokugawa IeyasuInzululwazi yesiCikiziIbaneIsiQumuqumuIsizindalwaziArizonaBougara, TiaretIAshiyaTexasGcuwa, kwaXhosaInsindisoAyanda MabuluWestern EquatoriaUGazoloUNhlolanja (uFebhuwari)IManzini, IdolobhaInhlunuIsiHolandiIgundaneAmaMbathaUmchazandaloBonteheuwelKhartoum🡆 More