Amalungelo eSintu aseNingizimu Afrika awumhlahlandlela wokuvikeleka kubuntu bomuntu.
Amalungelo ayasipho sokuqala indalo esipha umuntu ekuzalweni kwakhe. E Mzantsi Afrika uhlu lwamalungelo abantu luyisizinda somthethosisekelo. Umthethosisekelo iwona mthetho omkhulu ezweni, ngisho uhulumeni akanawo amandla ngatphezu kwawo, yingakho uhulumeni engenalo igunya lokushicilela imithetho engqubuzana namalungelo abantu.
Amalungelo abantu abululekile ngoba.......ENingizimu Afrika mhla zingama-21 kuNdasa wusuku lwaMalungelo eSintu, lapho kusuke kukhunjulwa khona bonke abalahlekelwa izimpilo zabo bemsaha ngonyaka wezi-1961. Ngalolu sauku kusuke kungakhunjulwa kuphela labo abahlekelwa zimpilo zabo ngonyaka wei-1961 kepha kususkue kuqhakambiswa ukubaluleka kokuvikelwa kwamalungelo abantu baseNingizimu Afrika. Akekho noyedwa umuntu ovumelekile ukufiphaza amalungelo omunye umuntu.
Zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika zinala malungelo alandelayo. Lamalungelo angena ngaphansi kwezibaya ezintathu.
Esokuqala sibhekene nokuvikeleka komuntu ngqo. Ngaphansi kwalesi sibaya kubekwa ukuvikela abantu ekubeni isisulu salabo kumbe kwalowo osesikhundleni. Ngaphansi kwalesi sibaya singabala lemithetho elandelayo:
Hlonipha amalungilo abanye abantu.
Lesi sibaya siqondene nomphakathi kanye nenhlalakahle yawo. Kulesi sisbaya kubhekwa amangxathu athathwa nguhulumeni ekucubunguleni, kanye nasekuhlaziyeni izidingongqangi zabantu. Lapha kuphinde kubhekwe wonke amagxathu athathwa umbuso ekuqinisekeni ukuthi wonke umntwana waseNingizimu Afrika unethuba lokuthola imfundo. Kuphinde kubhekawe yonke imizamo engeziwa umbuso ekiqinisekenei ukuthi bonake abadala baqashiwe futhi bayanakekelwa.
Lapha kibhekwa ukuvikeleka kwamaqembu athize, okungaba ezenkolo, ezombusazwe, amasiko njalo njalo. Njengoba IiNingizimu Afrika iyizwe elinamasiko amaningi kanye nezinkolo eziningi manje kubalulekile ukuthi kube khona ukuhloniphana pakathi kwazao futhi ziphinde zinikezane indawo kanye nesithunzi esifanele.
Noma ziningi izindlela ezibekiwe ukuvikela amalungelo abantu, kodwa nomuntu ngamunye unomqansa omkhulu wokuqinisekisa ukuthi ilungelo lakhe alithikamezi amalungelo abanye abantu.
This article uses material from the Wikipedia isiZulu article Amalungelo abantu eNingizimu Afrika, which is released under the Creative Commons Attribution-ShareAlike 3.0 license ("CC BY-SA 3.0"); additional terms may apply (view authors). Content is available under CC BY-SA 4.0 unless otherwise noted. Images, videos and audio are available under their respective licenses.
®Wikipedia is a registered trademark of the Wiki Foundation, Inc. Wiki isiZulu (DUHOCTRUNGQUOC.VN) is an independent company and has no affiliation with Wiki Foundation.