Faith Gasa

Faith Xolile Gasa (1945-04 kuNcwaba we-2005) wayelungu lePhalambde esifundazweni saKwaZulu-Natali emele iqembu leNkatha Freedom Party (IFP).

UFaith Gasa waba negalelo elikhulu ekubunjweni kweNingizimu Afrika enoxolo, njengoba eyengusihlalo Wophiko Labesifazane ehlanganweni ye-IFP naye waba yilingu le-CODESA emele abesifazane. Waba negalelo kwimfundo yaseNingimu Afrika ngoba wangomunye ababeqeqesha futhi bethuthukisa uhlelo leMfundo yaseNingizimu Afrika ngesikhathi kuphela ubandlulo.

Faith Xolile Gasa
Ubezalwa ngoMasingane 1, 1945(1945-01-01)
Bloemfontein, eNingizimu Afrika
Ubefa ngoNcwaba 4, 2005(2005-08-04) (iminyaka ama-60)
Richards Bay, KwaZulu-Natali
Occupation anti-Ilungu lePhalamende, Ilungu leseiShayamthetho
Spouse Dr Enoch Gasa

Impilo ekuqaleni nemfundo

UNkosikazi Gasa wazalelwa edolobheni laseBloefonteni elisesifundazweni saseFree State eNingizimu Afrika. Waphothula izifundo zakhe wathola i-diploma ezifundweni zobuhlengikazi ngonyaka we-1967. Emva kokuphothla izifundo zakhe wahlabana nomfundaze wokufunda izifundo ze-BA eNyuvesi yakwaZulu kusukela ngonyaka we-1968 kuya kowe-1972. Kule nyuvesi wabe eyofunda isizfundo zoMlando kanye Nesibhunu lapho kwathi ngawo unyaka we-1972 wakethwa ukuba angene esigungwini esimele abafundi (SRC'). Kuyo lenyuvesi ilapho ahlangana khona noEnoch Gasa owagcina esengumyeni wakhe. bobabili beno Enoch bazibandakanya embuthweni owazina ngokuthi yi-Black Concious Movement.

Ngonyaka we-1973 wathuthela edolobheni lase-Vryheid eNyakatho yakwaZulu Natali lapho ayeyofundisa esikoleni samabanga aphakeme Ikhethelo High School. Ngenkathi esenguthisha waba yilungu lenyunyana yothisha ayabe yaziwa ngokuthi yi-Natal Teachers Union okulapho aba ngumongameli walenhlangano isikhundla ayezosibamba impilo yakhe yonke. Khona endaweni yaseVryheidi wazibandakanya kakhulu emsebenzini eyahlukahlukene yokusiza umphakathi. Ngaso lesi sikhathi eseseVryheid wajoyina iqembu lezombusazwe elabe lisanda kubunjwa ngaleso sikhathi okwabe kuyi-IFP .

Imisebenzi

Wabe engumhloli wezikole esifundazweni sakwaZulu-Natali. Ekubeni ngumhloli wezikole waphinde abe nelezikhundla ezilandelayo :

  • Wayengowesifazane okubuzwa kuye phecelezi consultant kwinhlangano yothisha i-African Teachers Association of South Africa, wayephinde abe owesifazane okubuzwa kuye ngezithinta abesifazane eNingizimu ne-Afrika.
  • Wayeyilungu le-World Confederation of the Teaching Prfession.
  • Wayeyilungu lomkandlu kuzwelelonke we-Women for South Africa.
  • WayenguMongameli waPhakade kwinhlangano yothisha i-Natal Teachers Union. Wayephinde abe ngomunye wabahlanganisi ababeqeqesha othisha ekuthuthukiseni uhlelo lokufunda emva kwesikhathi sobandlululo.
  • Wayengunobhala we-Mehlesizwe Education Trust.
  • Wayeyeyilungu le-Third Order of St Francis of Assisi.
  • Wayeyilungu lomkhandlu lesonto i-Mother's Union Church, eSifundabhishobhi sakwaZulu.
  • Wasungula uhlelo olabe lubizwa ngokuthi yi-Teenage Pregnacy and Child Abuse Concerned Committe eNyakatho yesiFubdazwe sakwaZulu-Natali.

Kwezombusazwe

Kusukela ngonyaka we-1975 waba yilungu le-Inkatha Freedom Party. Ngonyaka we-1991 uFaith wathola iskhundla sokuba ngunobhala kulenhlnagana yezombusazwe. Kuwo lonyaka futhi waphinda wakhushsulelwa eskhundleni sokubanguSihlalo Wophiko Labesifazane enhlanganweni ye-IFP. Lolu phiko labesifazane lalenhlanagano labe lisebenzisana nehlnagano i-African National Congress (ANC) ngesikhathi kunodlame olukhulu olwabe luphakathi kwalaqembu ezombusazwe. Ngonyaka we-1994 emva kokhetho lukazwelonke wathola ithuba lokuba yilungu lephalamende laseNingizimu Afrika emele iqembu l-IFP. Wagcina eseyilungu lesishayametheto saKwaZulu-Natali ..

Ngonyaka we-2000 wajutshwa nguNdunaknulu wakwaZulu Natali ngaleso sikhathi uMphathiswa uLionel Mtshali ukuba abe ngungqonqoshe wezeMfundo namaSiko esifundazweni sakwaZulu Natali. Wajutshwa kulesi sikhundla ngoba ungqongqoshe wangaphambilini u-Eileen KaNkosi-Shandu okwabe kunezinsolo zokuthi uqasha abantu ngetiye emynagweni. UFaith wayesilungele lesi sikhundla ngoba wake waba nguthisha ngaphambilini futhi wabe eyilungu lenhlangano yothisha i-Natal Teachers Union shuthi wabe ezazi izingqinamba ezibhekene nothisha nokufundisa.

Izinselelelo ebungqongqosheni

Lesi sikhundla sokuba ngungqonqoshe saba nzima kuyena, ngoba esanda kuqala wabe engasebenzeli ehhovisi enokusola ukuthi lithathakathiwe, nagaloku waba esola ungonqongqoshe owayengaphambi kwake ukwenzeni lomkhuba. Wayesola ukuthi ihhovisi lithakathiwe ngoba ngenkathi esekulesi sikhundla wabandakanyeka ezingozini ezimbili zemoto kodwa wanagalimala kakhulu, yikho lokhu okwanyusa izinsolo zokuthi kukhona isindla semfene. Waphinde wakhala ngokungalalelwa ngabasebenzi basehhovisi ngoba babe bethembeke kakhulu kuEileen KaNkosi Shandu yena befuna ukumdicilela phansi. Kwathi ngonyaka we-2001 wakhetha ukusula esikhundleni sokuba ngungqongqoshe wezemfundo KwaZulu-Natali ngenxa yezinkinga abae ebhekene nazo kulesi sikhundla. Ekusuleni kwakhe kulesi sikhundla waqhubeka waba yilungu leSishayamthetho saKwaZulu-Natali.

Ukudlula emhlabeni

UFaith Gasa waxinwa ukugula isikathi eside esibhedlela esindaweni yaseRichards Bay. UFaith wadlula emhlabeni kusaphele izinyanga ezimbili nje vo emva kokushona komyeni wakhe. Washiya abantwana abahlanu. Umcgwabo wakhe wabanjelwa e-Imbizo Hall endaweni yaseMpangeni .

Imithombo

Tags:

Faith Gasa Impilo ekuqaleni nemfundoFaith Gasa ImisebenziFaith Gasa KwezombusazweFaith Gasa Ukudlula emhlabeniFaith Gasa ImithomboFaith GasaInkatha Freedom Party

🔥 Trending searches on Wiki isiZulu:

2009Lacey DuvalleLasandra MajolaIntibaneIfonetikiMudugBhumibol AdulyadejBechloul DistrictIsiphequluliWiki FoundationAbdel Naser Abdel FatahIChwenziMain PageZomatoIngqayiIsitabaneUNdonsakusaDlaminiIsikhathi sendawoIsingathekisoCyril RamaphosaIGrekiImaliInsindisoINzawuDBZ Ntuli17 ngoManduloIkhasi ElikhuluCansi lomlomoBhonasi ye-rouletteUsuku LwamaguguIsiSuthuINyakatho-NtshonalangaIJalimaniUkungondlekiUmchazamkhathiIbizoIndlwabuAhmed EzzUkujulaINingizimu AfrikaUmbhoxo2015IsambaneUkubingelelaI-EshiyaEzoluntuUMfumfu (u-Okthoba)Big ZuluAdult Film DatabaseThembinkosi LorchUcansi ngamabeleDolow DistrictUbhananaMpandamatengaSoftware design patternMpandeSenzangakonaUkuhlonipha (umuzwa)Johnny SinsIngoniGeorge HarrisonI-AntatikaINgilandi🡆 More