Ibandla Lamanazaretha

Ibandla lamaNazaretha (elidume ngokuthi iBandla LakwaShembe) ibandla lezenkolo yesibili ngobukhulu e-Afrika elaqala ukusunguleka eNingizimu Afrika, lasungulwa ngo-1910.

Ibandla Lamanazaretha
Abaholi bebandla lamaNazaretha
Ibandla Lamanazaretha
Abesifazane bamaNazaretha

Ibandla lidumisa UShembe njengomholi futhi noMsindisi othunyelwe uNkulunkulu ukubuyisela izimfundiso zobu Afrika, ezabaprofethi, ukukhumbula indlu eMnyama kanye nokudumisa uNkulunkulu ngobuzwe bakho. Amalungu ebandla angabagcini beSabatha futhi agwema ukudla izilwane ezingetshisi futhi ezingahlukanisile, ukubhema, kanye nezenzo zocansi ngaphambi komshado akumukelekile.

Ibandla lahlukana phakathi laba amaqembu amabili ngemuva kokukhothama kweNkosi uJohannes Galilee Shembe (iNkosi iLanga) ngo-1976. Iqembu elikhulu laliholwa iNkosi u-Amos Shembe (iNyangayezulu) "owayedume ngokuthi umthente ohlabe usumdala" kwaze kwaba sekushintsheni kwakhe ibhantshi ngo-1995, ngenkathi uMhlonishwa uLonda Shembe (ozalwa iNkosi iLanga) ehola iqembu elincane ngokwesibalo.

Kusukela ngo-2009, uqheke lwadlondlobala ebandleni laphinda lahlukana amaqembu amathathu ibandla esifundazweni saKwaZulu-Natal kanye neqembu elilodwa esifundazweni saseGoli.

Ibandla lamaNazaretha lisebenzisa izikhumba zengwe njengengxenye yemvunulo esebenza emikhosini eyahlukene, ngenxa yesimo sokuncipha kwezinyamazane kanye nomthetho waseNingizumu Afrika omayelana nokuzingelwa kwezingwe kwadalulwa ukuba akusavumelekile ukuzingela lezi zilwane ngakho akusetshenziswe amambatha angakhiwe ngesikhumba sengwe kodwa kwenziwe umfanekiso wayo ingwe.

Ngo-18 Okthoba 2016, iNkantolo Ephakeme yaKwaZulu-Natal eThekwini yamemezela ukuthi umhlonishwa uVela Shembe ungumholi osemthethweni webandla lamaNazaretha ohlangothini lwaseThembezinhle ngemuva kokungaboni ngasolinye kwabaholi enkantolo, ukungavumelani kwakuloke kuqhubeka njalo emvakokuthi kuqale ngo-2011. Indodana yomholi okhotheme iNkosiuMduduzi Shembe, ohlala emzini omkhulu waseBuhleni, namanje uyinhloko yebandla futhi amalungu amaningi ebandla akavumelani nesinqumo senkantolo njengoba emi ngelithi "uShembe akakhethwa izinkantolo futhi akakhethwa abasemhlabeni kodwa kuba ngabaseZulwini".

Tags:

IRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika

🔥 Trending searches on Wiki isiZulu:

TexasPlateaux Department, Khongo-BrazzavilleI-AyilendiI-ItiyopiyaIMelikaUbisiIFijiAbu El MatamirIManzini, IdolobhaISenegal2019BuheraUkusokaAmaMbathaIAfrikaColoradoISikotilandiIsiNguniUbuciko bomlomoIsiqongoINguqulo yeziMboni yesibiliChesumei ConstituencyI-AngolaUBruno MaddoxDassenhoekUkuphingaIzulu1981UlwandleS.S. LazioIMorishisiUmCalahle ontuhlambiliUsuku lwephasikaIsiphequluliUbhananaWiseman MeyiwaCorbin BleuMutokoInkalankalaIzinyanga zonyaka ngesiZuluLacey DuvalleIDenimakiINyakatho KapaIsiTaliyaAba, Khongo-KinshasaI-YouTubeRolfes Robert Reginald DhlomoIThekiUmthofuAli Sabieh DistrictBasse-Banio DepartmentUGazoloTrue Jesus Church🡆 More