Uthimba: Umdlalo woqwembe weqhingasu

Uthimba ngumdlalo woqwembe phakathi kwabadlali ababili. Lomdlalo ubuye ubizwe ngokuthi uthimba lomhlaba ukuze uhlukaniswe kweminye imidlalo ehlobene nawo, efana ne-xiangqi (uthimba lwaseShayina) kanye ne-shogi (uthimba lwaseJaphani). Uhlobo lothimba olukhona manje lwadabuka kwelaseSpaniya naseYurophu eseningizimu engxenyeni yesibili yekhulu le-15 emva kokuthubeka kusuka kumdlalo ofanayo kodwa omdala odabuka eNdiya obizwa chaturanga. Namuhla uthimba liwumdlalo onesibunge umhlaba wonke, odlalwa izigidi zabantu emhlabeni jikelele.

Uthimba umdlalo weqhingasu elingumkhanyango futhi alubandakanyi ukwaziswa okufihliwe. Ludlalwa oqwembeni lothimba olunamagcagcane angama-64 alungiswe okocansi lwemigqa eyisiphohlongo. Lapho uqala, umdlali ngamunye ulawula izinkomo eziyishumi mesithupha: inkosi eyodwa, indlovukazi eyodwa, imibhosho emibili, abefundisi ababili, izinkweli ezimbili, nezintindili eziyisiphohlongo. Umdlali onezinkomo ezimhlophe nguyena owenza umdiki wokuqala, bese kulandela umdlali wezinkomo ezimfipha. Impokophelo yomdlalo ukuthumba inkosi yomufo, njengoba lapho inkosi ibhekene nohlaselo futhi ingekho indlela yokuohunyuka. Kukhona nezindlela ezimbalwa lapho umdlalo ungaphetha engekho ogobuphondo.

Uthimba oluhleliwe lwaduma ekhulwini lwe-19. Imincintiswano yothimba yanamuhla ilawulwa ezizweni zonke i-FIDE (inhlangano yoThimba yezizwe).

Tags:

Checkmate2

🔥 Trending searches on Wiki isiZulu:

Wiki FoundationKombolcha (woreda)INingizimu AfrikaUmkhosi wokweshwamaIsambaneUmthofuIGrekiAbAfrika baseningizimuXVideosIGiniEkuPhakameniDBZ NtuliIzitayela zocansiIPolandiUbuciko bomlomoI-ItiyopiyaIfonetikiChris HaniImvumelwano SiqaloIFijiIKipi laseNtshonalangaMSS GcumisaPinnipediaJoseph StalinElizabeth IIThabo MbekiJama kaNdabaI-OstreliyaIsikhumbuzo seNkosi uShakaIzibongoUshiziIsiTsongaJohannes Galilee ShembeMalandela kaLuzumanaIMaliUBudhaI-YouTubeIsiZuluIzifunda zase GabhoniUMasipala wase NdumeniPader DistrictUmculoI-AntatikaInkathi yokwaziswaIFuleyisitataUZibandlela (uDisemba)ImfundoUtamatisiBoris JohnsonTelephone numbering planImpophomaUzi Island🡆 More