Ukudludlunga Ulimi Lwemvelo: Umkhakha wezeziLimi nenzululwazi yesicikizi

Ukudludlunga ulimi lwemvelo (noma DLM) kuwumkhakha oyingxenye yezolimi, inzululwazi yesicikizi, nohlakahlisombulu onake ukwenanana okuphakathi kwezicikizi nolimi olukhulunywa ngabantu, ikakhulukazi ekuhleleliseni izicikizi ukuze zidludlunge futhi zihlaziye amanani amakhulu wemininingo yolimi lwemvelo.

Impokophelo iwukuba nesicikizi esikwazi "ukuqonda" isiqikili semibhalo, kuhlanganise neminingilizo yomongo yolimi ekuyo. Lobuchwepheshe bungakwazi ukugqoba ukwaziswa nemibono equkethwe emibhalweni futhi bukwazi ukujinja futhi buhlelembe imibhalo ngokwabo.

Ukudludlunga Ulimi Lwemvelo: Umkhakha wezeziLimi nenzululwazi yesicikizi
Isilekeleli esihlelelekiwe sakuxhakaxholo esihlinzeka ngenkonzo kubakhozi ekhasini lolwebu, isibonelo sohlelokusebenza lapho ukudludlungwa kolimi lwemvelo kuyingxenye emqoka.

Izinselele zokudludlunga ulimi lwemvelo zivame ukubandakanya ukuhlonza izwi, ukuqonda ulimi lwemvelo, nokuphehla ulimi lwemvelo.

uMlando

Ukudludlunga ulimi lwemvelo kwaqala eminyakeni ye-1950, lapho u-Alan Turing eshicilela isibhalwa esinisehloko esithi "IziNguxa zokuCikiza nobuHlakani" "Computing Machinery and Intelligence", esaphakamisa lokho namuhla olwaziwa ngovivinyo luka-Turing njengenkomba yobuhlakani, nakuba ngaleso sikhathi kwakungavezwa njengenkinga ehlukile kuhlakahlisombulu. Isivivinyo esasiphakanyiswa sasihlanganisa umsebenzi obandakanya ukuhlakahla okuhlelelekiwe nokuphehlwa kolimi lwemvelo.

i-DLM engokomfanekiso (1950s – ekuqaleni kwe-1990s)

Isiphakamiso sokudludlunga ulimi lwemvelo (DML) okungokomfanekiso safinyezwa kahle kakhulu ngumgcanso wegumbi laseSahyina ka-John Searle othi: Uma uneqoqo lemithetho (isb. incwadi yemisho yesiShayina, enemibuzo nezimpendulo zayo), isicikizi sizolingisa ukuqonda ulimi okongokwemvelo (noma eminye imisebenzi ye-DLM) ngokusebenzisa leyo mithetho eminininingweni esibhekana nayo.

IziNdlelasu: imithetho, izibalomniningo, amaxhoxho wezinzwa

Ezinsukwini zokuqala, iningi lezimiso zokudludlunga ulimi zaziklanywe ngezindlelasu ezingokwezimpawu, okusho ukuthi, ngezinguqukezelo zesandla eziyiqoqoq lemithetho, ezintshiqwe namazwi esichazamazwi: ezifana nokuloba ubhalomagama noma imithetho yesiqu sezwi.

Tags:

IsiCikiziUHlakahlisombulu

🔥 Trending searches on Wiki isiZulu:

IKhanada20181983Boity ThuloI-AljeriyaIBloemfonteinUmchazandaloAmafuthetsheIGrekiUmbuso OhlangeneyoAmasikoUkulandwa kongasekhoIsifo2013Mangosuthu ButheleziTrue Jesus ChurchUkuvukela kweNtsha kwama-16 uNhlangulana we-1976KwaZulu-NatalImikhuba yezocansi yezitabaneISO 31662012UMhlabaIdubeIsiZuluIstanbulUxhakaxholo8 ngoNhlolanjaIsiSpeyiniUketsheziIzonto ezinyeIndleConnie FergusonKumaHeberuINkabazwe GiniLeleti KhumaloJoyous CelebrationIMekisikoUMasingana (uJanuwari)IsiPhoqiImaliIPolandiUlimi lokuhlelelisaIPhasikaAndile JaliUmculo Wohlobo Lwe-EletronicAmasulumaneIThekiNelson MandelaIzinungwanaInjolobaIzinkanyeziUmfulaUmqavoDBZ NtuliIkhilikithiUbuchwephesheIJaphaniIsiNgisiChinua AchebeAmaphuphoSibusiso NyembeziMalandela kaLuzumanaBig ZuluImvuIMiyonziIChwenziIThusiImveloIkatiIButswanaCetshwayoIsingathekisoIsi-Arabhu🡆 More