uNomjubane, noma uMekhyuri (uphawu: ) ngumzulane wokuqala nomcinyane kuzungezohlelo lweLanga, futhi useduze kakhulu nelanga.
Uzungezo lwawo elangeni uthatha izinsuku zikaNomkhubulwane ezingama-87.97, okungezimfishane kunazo zonke zemizulane yelanga. Uqanjwe ngokuthi uNomjubane ngenxa yakho lokho, ngoba uzungeza ilanga ngejubane elisheshayo kuneminye imizulane. NjengoNokhwezi, uNomjubne uzungeza ilanga ngaphakath kozungezo lukaNomkhubulwane njengomzulane omaphakathi (interior planet). Ukuba seduze nelanga kusho ukuthi lomzulane ungabonwa kuphela uma useduze nomkhathizwe osentshona kusihlwa noma kumkhathizwe osempuma ensasa. Kulezi zikhathi, uzobonakala njengenkanyezi egqamile, kodwa kunzima ukuwaqapha kunoNokhwezi. Uma uwubuka usemhlabeni kuNomkhubulwane, isihlongamkhathi siveza lomzulane kuzo zonke izimo zokuba umzulane, okuyinto efanayo ngoNokhwezi nenyanga, okwenzeka ngenkathi yawo yokuhlangano ngenanifuphi okuyizinsuku eziyi-116.
This article uses material from the Wikipedia isiZulu article UNomjubane, which is released under the Creative Commons Attribution-ShareAlike 3.0 license ("CC BY-SA 3.0"); additional terms may apply (view authors). Content is available under CC BY-SA 4.0 unless otherwise noted. Images, videos and audio are available under their respective licenses.
®Wikipedia is a registered trademark of the Wiki Foundation, Inc. Wiki isiZulu (DUHOCTRUNGQUOC.VN) is an independent company and has no affiliation with Wiki Foundation.