Unandi Kabhebhe: Indlovukazi yakwaZulu

UNandi kaBhebhe (c1760-10 kuMfumfu 1827) uzalwa uBhebhe owayeyinkosi yaseLangeni.

Nandi kaBhebhe
Indlovukazi yamaZulu
Isikhathi 1781 – 1816
Ukuzuza 1781
Igama ikhulu Template:Nandi kaBhebhe
Ubezalwa ngoMasingane 1, 1760(1760-01-01)
Indawo Eshowe
Ubefa ngoMfumfu 10, 1827(1827-10-10)
Abantwana
Royal House Zulu
Ubaba Bhebhe

Imvelaphi

UNandi waye dume ngobuhle bakhe. Wangemunye wesifazene owaba negalelo elikhulu ekubunjweni kwesizwe sakwaZulu. Ungunina weLembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha uShaka kaSenzangakhona.

Impilo nokukhothama kwakhe

Ngelinye ilanga eye emlanjeni nezinye izintokazi wabonwa umntwana uSenzangakhona kaJama obekade ezingela kanye nabaqaphi bakhe. Kwathi lapho uNandi esekhulelwe, isisu sayo bikwa esigodlweni sika Jama. uSenzangakhona wasiphika isisu sikaNandi, wathi akakhulelwe uphethwe itshaka isifo samathumbu. UNandi wakhulisa uShaka kanzima kakhulu, okwa qinisa uthando lukaShaka kunina. Waye thanda uNandi kuphela uShaka ngoba ebone ubunzima aqondana nabo (lolu thando lukaNandi lwagqama kakhulu mhla ikhothama indlovukazi, uShaka wacishe wabulala uZulu wonkana nxa kuzilelwe uNandi, Isikhihlo sikaNandi). Kanti uShaka wayengamfuni uyise uSenzangakhona, ngisho noma esemhlawulile walobola noNandi waxolisa. Ngombuso kaShaka uNandi wayenamandla amangazayo, izwi lakhe lalinga lambathi. Kwesinye isikhathi wayekwazi ukuphikisa yena uShaka. uShaka waye wakhonze khakhulu amaqhawe, kanti uNandi, uMkabayi kaJama, uNomcebo kaSenzangakhona noMthaniya kaZingelwayo kwakuyibona kuphela abantu besifazane ababengamaqhawe kaShaka

uNandi kaBhebhe, wakhothama ngomhlaja 10 kuMfumfu, uShaka wayekade ezingela ngaphesheya. Kwaba usuku olubuhlungu ka khulu kwaZulu. Isililo sikaNandi sakhubaza isizwe ngendlela emangazayo, akekho owayevumeleke ukuzala, ukushada, ukutshala, nokuthula. Isizwe sasizilile, lolu akugqamisi kuphela amandla kaNandi kaBhebhe kodwa uthando uShaka ayenalo kunina [[Category:

Tags:

Shaka kaSenzangakhona

🔥 Trending searches on Wiki isiZulu:

IKhenyaI-ItiyopiyaIsiSuthuOlupanduIBelarusiIndolobha yaseVathikhaniIsikhumbuzo seNkosi uShakaAmalungelo abantu eNingizimu AfrikaUKhisimusiIganga DistrictIkatiIsiXhosaPeruUNelson MandelaRobert MugabeUkhahlambaBhonasi ye-rouletteUBudhaIzinyanga zonyaka ngesiZuluMinecraftBuwengeIsiSeyisheliIMaltaImpophomaIsifo segciwane le-EbolaWiki FoundationInkwindlaULwezi (uNovemba)I-AntatikaOnandovaMiriam MakebaIZambiaOkahandja ConstituencyBusisiwe MkhwebaneTito MboweniIngungumbaneIMaliIThuniziyaOnekwaya WestRamdane Djamel DistrictTexasIPrahaUmkhosi wokweshwamaIVilnyusiTuli, ZimbabweMSS GcumisaUxhakaxholoUndabazabantuUmfulaOmaruru, NamibhiyaIsiLatviyaIMoskwaIsiqongoIzinganekwaneIndlwabuGoogleIYurophuIzinkundla zokuxhumanaMxolisi Kaunda🡆 More