Umkhandlusidlidli: Indawo ebuswa uhulumeni wasendaweni

UMkhandlusidlidli noma Umasipala noma uMkhandludolobha uvamise ukuba wuphiko olulodwa lwempathelo ''(administration)'' oluhleliwe nolunamandla okuzibusa noma amagunya njengoba kuvuma imithetho kazwelonke neyesifunda ongaphansi kwayo.

Umkhandlusidlidli: Indawo ebuswa uhulumeni wasendaweni
ihholo lesidlavela sase-Ponce, kwelase-Puerto Rico, luyikomkhulu lohulumeni wesidlavela namaphethelo.
Umkhandlusidlidli: Indawo ebuswa uhulumeni wasendaweni
ibalazwe lemikhandlusidlidli yase-Sloveniya.

Ibizo elithi uMkhandlusidlidli (ikakhulukazi elithi uMkhandlu) limiqondobili njengoba lisho ibandla elibusayo, elibizwa umkhandlu, futhi lisho indawo esemingceleni lapho ibandla elibusayo elinegunya khona.

UMkhandlusidlidli kungaba inoma iliphi igunya lezombusazwe, kusuka esifundeni esiziphethe esifana nesiGunya sase-Monaco, kuya emuzini omncane ofana ne-West Hampton Dunes, e-New York.

Imingcele lapho umkhandlusidlidli onegunya khona ihlanganisa lokhu okulandelayo:

  • indawo eyodwa enabantu engesidlavela, isidlidli noma umuzi. only one populated place such as a city, town, or village
  • izindawo ezifanayo ezimbalwa (isb., izindawo zegunya zaseMelika esifunde se-New Jersey (1798–1899) ezifana namanxuluma abusa imizi embalwa, imikhandlu yase-Mexico, nemikhandlu yase-Colombia)
  • izingxenye zezindawo ezifana nalezo kuphela, ngesinye isikhathi izindadawe zesidlavela, ezifana nemikhandlu engama-34 yase-Santiago, e-Chile

Amandla wezombusazwe

Amandla wemikhandlu iyahlula kusuka ekuzibuseni kuya ekuthobeleni ngokuphelele umbuso. Imikhandlusidlidli ingaba negunya lokuthelisa bantu ngabanye nasemishumanqa ngemalingeniso, intela yempahla, nentela yemishumanqa, kodwa ingabuye yamukele uxhaso olukhulu embusweni. Kwamanye amazwe wase-Yurophu, afana neJalimani, kanjalo nakweminye imikhandlusidlidli yaseNingizimu Afrika, imikhandlusidlidli inelungelo elingokomthethosisekelo lokuhlinzeka ngezidingongqangi ngokusebenzisa imishumanqa ephethwe sobala.

Amabizo wasemazweni ahlukene

Umkhandlusidlidli: Indawo ebuswa uhulumeni wasendaweni 
Isidlavela i-New York kanye nezinhlanganisela zezindadawe ezinhlanu, zonke eziyimikhandlu.      1. Manhattan      2. Brooklyn      3. Queens      4. The Bronx      5. Staten Island
Umkhandlusidlidli: Indawo ebuswa uhulumeni wasendaweni 
iMikhandlu yesidlavela noma isidlidli (enombala obomvu) kanye nemikhandlu engeyona eyesidlidli, kwelase-Finland, ngoweI-2002

uMkhandlu

Amabizo ahlobene nelithi "UMkhandlusidlidli", iningi lawo abhekisela ohlakeni lomingcele noma kwezombusazwe.

Tags:

🔥 Trending searches on Wiki isiZulu:

Azai NagamasaMayaa-muluqoUmsinsiIntufesheDabohana (woreda)TayannaUNhlangulana (uJuni)GhazaouetHawaii29 ngoNcwabaThemba ZwaneUmchazathoSibiti DistrictLasandra MajolaIzinyanga zonyaka ngesiZuluIbholaIYukreyiniDumile FeniAbuna Ginde Beret (woreda)Middle JubaUsuku lwephasikaPhimosisRío Muni29 ngoNtulikaziIZambiaSoqotaIWarshawaBakwa-KalonjiLimey Bari (woreda)Misuzulu ZuluUshiziUMasingana (uJanuwari)Nelson MandelaKannaland Local MunicipalityIBotrivierOyemMbigouEmbu, KhenyaCape Winelands District MunicipalityMarie LuvBeiraI-EnvironmentTim Berners-LeeIsithembuNyanga DistrictITokyoIGambiaAbu Jubaiyah DistrictIllizi DistrictInkoloIsenzo sobulili sangaphandleKuopioUNotsheziMkabayi kaJamaISmithfield, IFuleyisitataUCansiUmsunuINgilandi🡆 More