iLobolo mandulo kwakulisiko olwabe lwenziwa ukuhlanganisa imindeni emibili eyabe ifuna ukuba zihlobo ngokushadiselana.
Ilobolo mandulo kwakulisiko olwabe lwenziwa ukuhlanganisa imindeni emibili eyabe ifuna ukuba zihlobo ngokushadiselana. Izinkomo zamaloboloke zimele izipho ezivela kumkhwenyana, lapho ebonga abazali bentombi afuna ukuyithatha ibe ngumfazi. Lapho umkhwenyana esuke ethi, ngiyabonga Mkhwekazi noMkhwe wami ngokungizalela intokazi eyongitholela abantwana, ngikhulise umuzi kababa. Mandulo amalobolo kwabe kuyizipho ezazimelwe zinkomo. Ngesimanjemanje kodwa izinkomo kwesiye isikhathi sezamelwa yimali, kodwake, noma sekuyiyo imali, isamele zona izinkomo ezazikhishwa kusadliwa ngoludala.
Mandulo izinkomo zamalobolo zabe ziyisithupha (6) nje kuphela;inkomo kamama/Ingquthu (inkomo enkulu, nebiza kunazo zonke ezinye), inkomo kababa, inkomo yomqholiso, inkomo yesikhumba, inkomo yesibhoma nenkomo yebeka. Lezinkomo zabezibizwa ngezinkomo zamaBheka. Kodwake ngesikhathi abantu abamyama besacindezelwe kakhulu amabhunu, ukuze abantu basebenzele amabhunu iskhathi eside beqongelela imali eningi. Umlungu owayebizwa ngo Sir Theophilus Shepstone[dead link] owayedume ngelika Somtsewu ka Sonzica owelutha amantu ukuba balobole ngezinye izinkomo ngaphezulu kwalezi eziyisithupha, ngezinkomo eziyisihlanu (5). Zithi mase ziphelele zonke zibe yishumi nanye (11). Kulezinkomo ezinhlanu okuzo zibaleka kanje;inkomo yemvulamlomo,inkomo yenhlabisamthimba, inkomo yesiwunkulu, inkomo yesiqondo nenkomo yomncamo .
Insizwake mase izimisele ukuthatha intombi, iyaye ibikele uyise ngalezinhlelo zayo. Uyise ebese ebiza abalingani bakhe abayomsiza ukuyoxoxisana nalabo akakwantombazane undodana azimisele ukuyithatha ibe ngumfazi. Abalingani mase bechazeliwe ngohlelo, kwakubeke sebenquma usuku lokuyovela lena ekhaya lentombi abazimisele ukuyilobola. Ngosuku oluhheliwe, abakhongi laba masebefika emzini wendoda lapho intombi abazoyilobola ihlala khona, bagibela emthini bese bekhuleka behaya ngezithakazelo nezibongo zedoda ephethe lelikhaya okuziwe kulo. Bayo haya lendoda ngezibongo zanyo nezithakazelo kuze omele umdeni wakwa ntombi le ezolotsholwa bazobona ukuthi labantu abazobanga umsindo emzini wendoda bezengani. Mebefika esangweni, omele ikhaya uyathula angasholutho baze abakhongi laba bakhiphe lenkomo emizwa “Imvulamlomo”. Sekuyothi mase ikhishiwe lenkomo, omele abomndeni wankwantombi ezolotsholwa bese ebuza ukuthi amadoda lawa ezengani nakhu bebanga umsindo emzini wendoda. Babeke sebechazake udaba abeze ngalo abakhongi. Uma umndeni uzithanda lezindaba abeze ngazo labakhongi, babeke sebemvunyelwa ukungena ngaphakhathi emzini wendoda bezoqedela izingxoxo abezengazo. Umdeni ubeseke ubiza izintombi zomdeni bacele ukuba abakhongi bakhombe intombi abezengayo. Mase beyikhombile, intombi ibeke isibuzwa ukuthi iyabazi yini labantu. Uma ivuma ithi iyabazi, kubeke sekujatsulwa sekuqhutshekwa nodaba losuku. Izinkomo, amagama azo, izindlela eziphuma ngazo, kanye nezizathu zakhona zichaziwe lapha ngenzansi ngokulandelana kwazo :
This article uses material from the Wikipedia isiZulu article ILobolo, which is released under the Creative Commons Attribution-ShareAlike 3.0 license ("CC BY-SA 3.0"); additional terms may apply (view authors). Content is available under CC BY-SA 4.0 unless otherwise noted. Images, videos and audio are available under their respective licenses.
®Wikipedia is a registered trademark of the Wiki Foundation, Inc. Wiki isiZulu (DUHOCTRUNGQUOC.VN) is an independent company and has no affiliation with Wiki Foundation.