Dumisani Sibiya (1976) umbhali osezuze izindondo eziningi zokubhala izincwadi, zinkondlo kanye nezindaba ngolimi lwesiZulu.
Udume kakhulu ngencwadi (inoveli) yokuqala ngqa ayishicela esihloko esithi Kungasa Ngifile ngonyaka wezi-2002. Ngale ncwadi wazuza indodo yesiliva emincintiswaneni owaziwa ngokuthi, Umklomelo wakwaSanlam woMbhalo wentsha (Sanlam Prize for Youth Literature). USotobe uphinde afundise eNyuvesi yaseGoli (Univeristy of Johannesburg) lapho egxile khona ezifundweni zemibhalo kanye nezilimi .
Dumisani Sibiya | |
---|---|
[[File:|frameless|alt=]] | |
Ubezalwa | 1976 EMhlangeni, eNquthu, KwaZulu-Natali, Ningizimu Afrika |
Nationality | UmNingizimu Afrika |
Field | umbhali |
Training | Nyuvesi yaseWitswatersrand |
Awards | Umklomelo wakwaSanlam woMbhalo wentsha wezi-2002 |
USibiya wazalelwa endaweni yaseNquthu, eNyakatho nekwaZulu-Natali esigodini saseMhlangeni. Imfundo yakhe yamabanga aphakeme wayithola eCelumusa High School okuyisikole esisesigodini saseHaladu khona eNquthu. Waqeda umathiliki (ibanga le-12) ngonyaka wezi-1994 khona eCelumusa High School lapho ayeyisihlabani ezifundweni zeZibalo kanye nezeziLimi . Emva kokuphothula amabanga aphakeme ngonyaka wezi-1998 walibangisa kwaNdongaziyaduma laphao enza khona iziqu zika-BA neNyuvesi yaseWitswatersrand. Izifundo ayegxile kuzo kuleNyuvesi kwabe kuyisiZulu, ezemiBhalo yase-Afrika (African Literature), ezeMidlalo namaFilimu (Drama and Film). USotobe wabuye waqhubeka nezifundo ze-BA Honors ngonyaka wezi 1999 esegxile eziLimini zaboMdabu nasemiBhalweni yase-Afrika kuphela. Izifundo ze-BA Honors wayezenza mbaxa-mbili ne-MA eziFundweni zokuShiclila kusukela ngowezi-2000 kuya kowezi-2001 zombili lezi ziqu wazithola ngamalengiso .
Emva kokuphuthula izifundo zakhe ze-MasterseNyuvesi yaseWitswatersrand uSibiya wahlabana nesikhundla sokufundisa imiBhalo yaseAfrika, isiZulu, kanye neziFundo zeMidiya eSikoleni sezeMibhalo kanye neziFundo zeziLimi, lesi sikhundla wasibamba kusukela ngonyaka wezi-2001 kuya kowezi-2004. Emva kokufundisa iminyaka emine ilandelana wajoyina inkampani yabashicileli i-Macimillan South Africa lapho ayesebenza njengomsizi kamshicileli wasebenza izinyanga eziyisithupha . Ngonyaka wezi-2005 wasebenza enkampanini ebizwa ngokuthi i-Graphicor Communications lapho ayesebenza khona njengosozilimli. Wasebenza iminyaka emibili nonhafu ngaphambi kokuthi abuyele embonini yezokushililela ngonyaka wezi-2007 .
NgoHlangulana wezi-2007 eSotobe wasebenza njenomshicileli wezilimi zase-Afrika kwaClever Books (eyabe ingaphansi kwakaMacmillan South Afrika). Kulesi sikhundla wayeqasha ababhali, ebaqeqesha aphinde abashicilele. Wabuyela emkhakheni wezemfundo ngonyaka wezi-2012 lapho ajoyina khona iNyuvesi yaseGoli okulapho esezinze khona efundisa izifundo zemiBhalo kanye neziLimi .
This article uses material from the Wikipedia isiZulu article Dumisani Sibiya, which is released under the Creative Commons Attribution-ShareAlike 3.0 license ("CC BY-SA 3.0"); additional terms may apply (view authors). Content is available under CC BY-SA 4.0 unless otherwise noted. Images, videos and audio are available under their respective licenses.
®Wikipedia is a registered trademark of the Wiki Foundation, Inc. Wiki isiZulu (DUHOCTRUNGQUOC.VN) is an independent company and has no affiliation with Wiki Foundation.