Ikati

Ikati noma ingobe.

Ingobe
Ikati
Umbuso Animalia (Izilwane)
Uzalo Chordata
IsiGaba Mammalia
Uhlelo Carnivora
Umndeni Felidae
UZalo Felis
UHlobo F. catus (Ikati)
Ikati
Ikati

Umlando

Wiki isiZuluIkati 
Wiktionary logo

Isaga esidume kakhulu sekati sithi, ikati lilele eziko. Lezizilwane zingamanono ngoba zihlala zihlanzekile.


Ikati lasekhaya ( elibizwa nge-Felis catus noma i-Felis silvestris catus) lincane, livame ukuba noboya, futhi lidla inyama. Kaningi libizwa ikati lasendlini, noma ngokulula ikati, uma ngungekho sidingo sokulihlukanisa kwamanye. Amakati ayigugu kakhulu kubantu ngoba abantu awathandela ubudlelwano abanalo nabo nokuzingela izinyoka kanye nezinye izilwane ezihluphayo endlini.

Amakati anokufana ngamathambo (anatomy) namanye ama-felids, ngemizimba enamandla, elulekayo, futhi ngokushesha, izinzipho ezibukhali, kanye namazinyo enzelwe ukubulala izilwanyana. Ngengama-crepuscular predator, amakati asebenzisa ukuzwa kwazo okubukhali kanye nokubona cishe ebumnyameni ukuzi abambe akuzingelayo. Amakati awezwa kuphela imisindo engazwakali ezindlebeni zabantu kodwa zingezwa futhi nemisindo esezingeni eliphezulu (high frequency) ngendlela yokuthi abantu ngeke bayizwe. Loku ngengenxa yezilwanyana ezizingelwa ngamakati ezinjengamagundane, enza umsindo ophezulu (high frequency) ngakho izindlebe zekati zishitshile futhi zingakwazi ukuzwa le misindo. Amakati angakwazi ukunukelela kancono kunabantu.

Ngaphandle kokuba abazingeli, amakati athanda ubudlelwane, amakati athanda ukuxhumana ngezindlela eziningi ezifana (ngokwenza u-meau, ukupurrr, ukuthrillla, ukuhisa, ukugwavuma kanye nokugranta) kanye nokunye ukunyakaza okuthandwa ukwenzwa ngamakati.

Amakati akwazi ukubeletha ngokushesha. Ukubeletha ngokulawulekile, angabeletha futhi abonakale njengezilwane ezibhalisiwe zasendlini, into ethandwa ukwanzwa ngabantu. Ukuhluleka ukulawula inalo yamakati kungabangela ukuthi kube nenani eliningi lamakati alahlwayo kusuka kumakhaya afuye amakati njengoba kwenzeka manje emhlabeni wonke, lapho kunamakati abalelwa kwizigidi ezingu-60 zamakati alahliwe e-Melika kuphela.

Njengoba amakati wayekhonziwe e-Egypt bekukholelwa ukuthi kwaqalwa lapho ukuthi amakati ayenziwe izilwane zasekhaya, kodwa kungahle kube kuqale esikhathini se-Neolithic. Ucwaningo lofuzo olwayenziwa ngo-2007 lukhombe ukuthi wonke amakati wasekhaya avela emakatini wasendle wase-Africa (African Wild cats) (Felis silvestris lybica) c. 8000 BCE, Emaphakathi neMpumalanga. Okwamanje amakati adume kudlula zonke izilwane njengezilwane zasekhaya, manje atholakala nanoma yikuphi emhlabeni.

Tags:

🔥 Trending searches on Wiki isiZulu:

MbigouLimey Bari (woreda)MaskandiAmaMbathaUmbuso OhlangeneyoIsiteshi samaPhoyisaSasiga (woreda)ILoboloUmNyondoGomma (woreda)Kate WinsletBaraka, Khongo-KinshasaUcansi LwendunuUpondoMSS GcumisaIcansi lezinhlwaUkuvuka ngokocansiAzai NagamasaUmbhoxoAma-antibioticIBerliniBurji special woredaUNelson MandelaLata Sibu (woreda)XVideosXHamsterIPhitiColoradoMilenge DistrictJoe SlovoIsiSeyisheliI-AlbaniyaInkwindlaIphephandabaJafara DistrictISmithfield, IFuleyisitataIJaphaniHarawo (woreda)UbuchwephesheINasideBoghni District1884Izifundazwe zase GabhoniImani RoseWarrap (isifundazwe)NoquiUmCalahle ontuhlambiliIBukhina FasoITzaneenAmaZuluUcansi ngamabeleI-AyisilandiJobeIzitayela zocansiUkucwasa ngokwebalaUmoya ongcweleIRiversdale, INtshonalanga KapaIShayinaIAfrikaIBotrivierUmchazandaloWeldiya🡆 More