Amanzi ayisiqa sevanga esingaphili, esiluntwentwe, esinganambitheki, esinganuki, nesicishe sangaba nambala, esiyisakhi esiyinhloko samanzimbulunga emhlabeni noketshezi bazo zonke iziphili ezaziwayo (okuyilapho asebenza njengesincibikilisi).
Abalulekile kuzo zonke izinhlobo zokuphila, nakuba engazihlinzeki ngokudla, impekumpeku, noma ngezincinciMisoco ezingokwemvelo. Ukubumbeka kwawo ngokwevanga, H20, kukhomba ukuthi imizwayi yawo ngawodwa iqukethe isOhwe elilodwa namaHwanzi amabili angamaChwe, axhunyaniswe uMnananzuba. AmaChwe eHwanzi anamathelene neChwe lesOhwe engonini engama-104.45°. "Amanzi" igama lesimo esiluKetshezi se-H2O ezingeni lokushisa nokucindezeleka okuvamile.
Amanzi atholakala ngezimo ezimbalwa. Akha ukukhumanqa ngesimo semvula nokusahowo ngesimo senkungu. Amafu aqukethe amathonsi wamanzi neqhwa, okuyisimo sawo esinqumile. Lapho lihlakazwa, iqhwa eliwumncwebe likhumanqa ngesimo seqhwa. Isimo esiluhowo samanzi siwumusi nomhwamuko wamanzi.
Amanzi asibekela ubuso bomhlaba obungaba ama-71 ekhulwini, izilwandle nezidwadwa kuyizo ezakha amanzi amaningi ngomthamo (angaba ngama- 96.5%). Izingxenye ezincane zamanzi zitholakala njengamanzi aphansi (1.7%), amanzi asemaqeqebeni nasemchpheni weqhwa e-Antarctica nase-Greenland (1.7%), kanye nasemoyeni njengomhamuko, amafu (aqukethe amaqhwa namanzi awuketshezi alenga emoyeni), nokukhumanqa (0.001%). Amanzi ahamba ngokuqhubekayo ngomjikelezo wamanzi wokuhwamuka,
Wiki Commons has media related to: Amanzi |
This article uses material from the Wikipedia isiZulu article Amanzi, which is released under the Creative Commons Attribution-ShareAlike 3.0 license ("CC BY-SA 3.0"); additional terms may apply (view authors). Content is available under CC BY-SA 4.0 unless otherwise noted. Images, videos and audio are available under their respective licenses.
®Wikipedia is a registered trademark of the Wiki Foundation, Inc. Wiki isiZulu (DUHOCTRUNGQUOC.VN) is an independent company and has no affiliation with Wiki Foundation.