Isidlavela: Inxuluma elikhulu abantu abahlala onomphela kulo

Isidlavela (noma idolobha) siyindawo yokuhlala yabantu enobungako obuphawulekayo.

Izidlavela imvama zinohlelo oluwudwadwa lwezindlu, ezokuthutha, ukuthuthwa kwendle, izinsiza, ukusebenza komhlaba, ukukhiqizwa kwezingudla, nezokuxhumana. Ukuminyana kwazo kwenza kube lula ukwenanana phakathi kwabantu, izinhlangano zikahulumeni nemihwebo, okubuye kuhlomulise amaqembu amaningi, njengokuthuthukisa ukufaneleka kokusatshalaliswa kwezingudla nezinkonzo.

Isidlavela: Inxuluma elikhulu abantu abahlala onomphela kulo
umbono we-Manhattan Uma uphezulu embijongweni we-Empire State, esidlaveleni i-New York,e- USA

Ngokomlando, abahlali basezidlaveleni babebancane kunoluntu lulonke, kodwa emva kwamakhulu amabili eminyaka yokuthutheleka kwabantu ezidlaveleni, zinabantu abangaphezu kwesigamu sabantu abasemhlabeni abahlala kuzo, futhi lokhu kungaba nemiphumela emibi ekulondolozekeni kwembulunga. Izidlavela zanamuhla zakha umnyombo wezindawo ezinkulu nezindawo zasezidlaveleni —ngokwenz abagebeli abaningi abahamba bebheke maphakathi nesidlavela beyofuna umsebenzi, ezokuzinandisa, nemfundo. Kodwa, ezweni lokubhulungisa okusheshayo, zonke izidlavela ngokwamazinga angafani, zixhumene ngokwembulunga ngale kwalezo zifunda. Leli thonya elikhulu lisho ukuthi izidlavela zinamathonya amqoka ezindabeni zembulunga, ezifana neNtuthuko elondolozayo, ukufudumala kwembulunga, nezempilonhle zomhlaba. Ngenxa yalamathonya amakhulu ezindabeni zomhlaba, umphakathi womhlabawonke uqokomise utshalomali ezidlaveleni ezolondolozayo usebenzisa iMpokophelo 11 yeNtuthuko yokuLondoloza.

uMqondo

Isidlavela: Inxuluma elikhulu abantu abahlala onomphela kulo 
iBalazwe lase-Piraeus, elaklanywa ngokomklamo ka-Hippodamus wase-Miletu
Isidlavela: Inxuluma elikhulu abantu abahlala onomphela kulo 
i-Palitana imelela ukubaluleka okungokomfanekiso kwesidlavela ekuhlonipheni indlu engcwele yase-Palitana.

Isidlavela singahlukaniswa kwezinye izindawo zokuhlala ngobungako baso obukhulu, futhi nangezinsebenzo zaso kanye nokubaluleka kwaso, esikunikezwa igunya eliphezulu. Leli bizo lingabhekisela emigwaqweni nasembijongweni yesidlavela noma isixuku sabantu abahlala khona, futhi lingasebenza ngomqondo ovamile ukubhekisela endaweni eyisidlidli kuneyase makhaya.

Tags:

Umhwebo

🔥 Trending searches on Wiki isiZulu:

UMbasa (u-Ephreli)Inhlangano engenzi nzuzoNepalBoereworsIZambiaImizwayiUsuku lwephasikaKhezaras DistrictUbuBudhaJama kaNdabaNgqengelele kaMvulaneInkinga yesidlakathi yaseNingizimu AfrikaIChusinimbiAl Kamlin DistrictUNelson MandelaISerbiyaUMasingana (uJanuwari)Thabo MbekiIGhannaAmadlalaIChristiana, INyakatho-NtshonalangaIMelikaSamsung GalaxyIsiSpeyiniSenzangakhona kaJamaAmaSimpsonUMfumfu (u-Okthoba)Omusati RegionBuganda Commune, BhurundiJohannes Galilee ShembeIndlulamithiIsele lasesihlabathini elingqongqozayoaIMelika EnyakathoI-AzeriIsibunuISlovakiIsi-InterlingueAmadloziIkhemistriUkubhemaIgamaILiberiaImpisiIMatjiesfonteinMufulira DistrictIsiphequluliDavid CameronIRiphabliki yaseNingizimu AfrikaImfundo yezocansiDingiswayoIvondweUkusokaBenghaziIsiXhosaUhleloxhumano lwamaselulaIBelarusiAmandla esilumbamdikiIAfrikaIndlwabu eyenzwa abaningiUmbuso OhlangeneyoIsizindalwaziUkudlwengulwa kwabesilisaUmkhombeUCosulelwanoUsuku lwabesifazaneUbucikoIPhothugaliKuresoi North Constituency🡆 More